UNurkovic udlule uKhune ngokuba yisithandwa sabeChiefs
USAMIR Nurkovic noThabang Monare abavotelwe kakhulu kwiCarling Cup
MFANAFUTHI NDLOVU
UKHOMBISE ukuba yisilomo sabala-ndeli be-Kaizer Chiefs uSamir Nurkovic wase-Serbia eqwaqwada bonke abadlali ngokuthola amavoti amaningi ukuqala umdlalo weCarling Black Label Cup abazowugijima ne-Orlando Pirates ngeSo-nto ngo-17h00 e-Orlando Stadium, eSoweto.
UNurkovic uwole amavoti awu-193 000 kwathi isibili kwaba ngu-Itumeleng Khune ngawu-188 467 kanti uKhama Billiat ubambe isithathu ngawu-131 527.
Phambilini uKhune ubehlale ezidlela ama-hlanga ngokuthandwa ngabalandeli bale kila-bhu njengoba uNurkovic ephendule amatafula nonyaka.
KwiPirates umdlali ovotelwe kakhulu ngu-Thabang Monare ojoyine le kilabhu ngasekuqaleni kwesizini edlule.
Uthole amavoti awu-133 590.
UMonare ulandelwe nguRichard Ofori ngamavoti awu-102 150 kanti isithathu kube nguThulani “Tyson” Hlatshwayo ongukaputeni wale kilabhu othole awu-76 862.
Okuqaphelekayo wukuthi bobathathu laba badlali abahambe phambili ngamavoti kwiBucs, bazoku-be beqala ukugijima kulo mdlalo njengoba bejoyine le kilabhu ngasekuqaleni kwesizini edlule.
Lo mdlalo kawubanga khona nyakenye ngenxa yokubhidla-nga kweCo-vid-19 esabhi-litile namanje okwenza abala-ndeli bangavunyelwa ukuhambela imidlalo.
Ukuhlasela kwalo mkhuhla-ne kushaye nabaxhasi ngoba utshwala bebuvaliwe ukudayi-swa kuleli okwenze amavoti kawaze angena ubuthaphu-thaphu ngoba ukuze uvote bekumele uthenge ubhiya bese ufaka inombolo engaphansi kwesivalo.
Sesisonke isikimu esizoqala umdlalo kwiChiefs simi ka-njena: uSamir Nurkovic (193 766), u-Itumeleng Khune (188 467), uKhama Billiat (131 527), u-Eric Mathoho (73 797), uNjabulo Blom (62 213), uDaniel Cardoso (57 759), uKearyn Baccus (42 124), uHappy Mashiane (40 217), uRamahlwe Mphahlele (29 926), uSabelo Radebe (25 212) noLebohang Leseko (18 774).
EsePirates siboshelwe kanjena: uThabang Monare (133 590), uRichard Ofori (102 150), uThulani Hlatshwayo (76 862), Thembinkosi Lorch (62 045), u-Innocent Maela (39 297), uGabadinho Mhango (36 968), uDeon Hotto (36 682), uWayde Jooste (36 024), uFortune Makaringe (34 525), uNtsikelelo Nyauza (33 622) noBen Motshwari (32 231).