Kuphenywa ngembangela yomlilo obhunqise izimoto (11) oThongathi

1172

INTATHELI YELANGA

ZIPHELELE emlilweni izimoto eziwu-11 oThongathi izolo ngoMgqibelo ntambama, emuva kokushiswa wumlilo okungaziwa ukuthi uqubukephi. Amaphoyisa ayaphenya ngembangela yalo monakalo, okuvele ukuthi akulimalanga muntu kuwona. Okhulumela inkampani yezimo eziphuthumayo, IPSS, uSamantha Meyrick, uthi ithimba labo lisuke lahlala emuva kokuthola imibiko ngalezi zimoto elifike “zigwinywe” yilangabi. “Umlilo uze wabhulwa wumnyango wezemililo oThongathi. Ngenhlanhla, akulimalanga muntu kanti udaba luphenywa ngamaphoyisa endawo,” kusho uSamantha. Isithombe: Sithunyelwe

Previous articleAnicabangi nje ukuthi inkinga ineChiefs hhayi uNgeguire?
Next articleTHOLA ILANGA KUSASA