SKHOSIPHI MTHEMBU
KUPHUME isidumbu ngoMgqibelo eMthwalume amalungu eeCommunity Policing Forum (CPF) kule ndawo evinjezelwa yiqeqebana lemigulukudu. Kulesi sigameko kudlule emhlabeni uMnu Themba Ndlazi (osesithombeni), obeyilungu leCPF, kwalimala kanzima ozakwabo abathathu. Ngokuthola kweLANGA, lesi sigameko ngesikhathi amalungu eCPF eqhuba abasolwa ngokweba impahla, beyokhomba lapho beyidayise khona. Kuthiwa abasolwa bavimbezele amalungu eCPF, bengafuni ukugudluka emgwaqweni. Kuphoqe ukuba ehle ezimotweni, kwabe sekusuka isiphithiphithi esiholele ekutheni kugwazwe kubulawe uNdlanzi, kwadutshulwa nelinye ilungu eliphuthunyiswe esibhedlela.
Ilungu leCPF elisinde kulesi sigameko, lithi abantu abenze lokhu bayaziwa kodwa kabakaboshwa, kunalokho kubizwe bona esiteshini samaphoyisa, baphucwa izibhamu ezisemthethweni.
Umthombo weLANGA uthi kugcine kuboshwa amalungu eCPF, abasolwa basagcwele ngaphandle. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenji-swa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokushaya ngenhloso yokulimaza. Bekungakaboshwa muntu.
skhom@ilanganews.co.za