NOMFUNDO NGWANE
UKHIPHE isidumbu umbango wendawo yokupaka endaweni yokucima ukoma eCembeni, oPhongolo ngoMgqibelo kubulawa owesilisa wakwaNhleko obekumele avuke ngeSonto alibangise eGoli njengoba bekufanele ayoqala umsebenzi omusha ngoMsombuluko. Ngokuthola kweLANGA ngelungu lomndeni elilidonse ngendlebe ukuba kugodlwe igama lalo ukulivikela ngenxa yokuba bucayi bodaba, uMnu Vusi Nhleko (24), ubulawa nje ubeyoqala umsebenzi emuva kwesikhathi eside engawutholi. “Kufike umngani wakhe ngoMgqibelo ntambama, wamcela ukuba ahambe naye ayomosela inyama, amvalelise njengoba ebezovuka ngakusasa agibele eseya emsebenzini. Sithole ukuthi bafike endaweni yokosa bahlala isikhathi esincane, kwaqhamuka umsolwa ehamba ngemoto yakhe.
Indodana yethu imxwayise ngokuthi makangapaki endaweni abefuna ukupaka kuyona ngenxa yokuthi ubezolimaza izimoto zaba-nye abantu. Sithole ukuthi umbulali ubevele enodlame, uthukuthelile ngesikhathi ekhuzwa, waphendula ngenhlamba, emuva kwalokho wadonsa isibhamu wadubula indodana yethu kathathu. Kuthiwa uqede ukuyidubula waphuma emotweni wafaka izinhla mvu ezintsha esibhamini, waqhubeka nokuyidubula isilele phansi, ithule. Ugcine eyidubule amahlandla awu 12. Uqede ukuyidubula wazama ukudubula abangani bayo abebehleli nayo, kodwa bagcina bebalekile bayocasha,” kusho ilungu lomndeni. Lithi umsolwa uqede lapho watshela abantu abebekhona endaweni yokucima ukoma ukuthi mabafonele amaphoyisa azombopha ngoba useyibulele inja.
“Sithole ukuthi ufika kule ndawo nje, ubephuma kwenye indawo yokucima ukoma, nakhona kuthiwa uhambe esexabene nabantu, eseqhumise sibhamu bagcina ngokumxosha,” kusho ilungu lomndeni. Litshele ILANGA ukuthi indodana yabo bekungumfana obenomoya ophansi futhi engakukhonzile nokuhlala endaweni yokucima ukoma. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa ambophile umsolwa endaweni yesigameko, uvelile eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo, icala lakhe lahlehla. Kulindeleke ukuba aphinde avele khona maduze.