Kuphume isidumbu kugwazana abomndeni

335

Bekubangwa umhlaba umufi awusikelwa ngabafowabo abadala kunaye

PHUMLANI GAMA
UKHIPHE isidumbu umbango wendawo yokwakha, kujuqana izinsizwa zandawonye ngejozi ngoMgqibelo KwaYangeni, eJozini.Kulesi sigameko kushone uMnu Mthibeni Mafuleka (35) (osesithombeni), okuthiwa nguyena owayebekwe endaweni ebibangwa. Ngokusho kukaMnu Johanes Mafuleka onguyise kamufi, indodana yakhe ibhokodwe ngomkhonto yindodana yomfowabo exhakathiswe ngabakwaSidlodlo izolo ngeSonto. Utshele ILANGA ukuthi bese kuneminyaka yaqala impi yozalo lwakwabo ngenxa yokungalawuleki kwesimo samadodana akhe. “Ngizame konke okusemandleni ukuxazulula izinkinga zalapha ekhaya, kodwa kwasho ukuthi abafana esibazele, kabangazi nokuthi ngiyini.


UMthibeni ubehamba nomfowabo kamsolwa, naye engibambe umoya ngempilo yakhe njengoba egwazeke ohlangothini nasesiswini. “Umufi yena ugwazwe entanyeni wanqamuka uqhoqhoqho, washonela endaweni yesigameko. Umufi nalona abehamba naye, yibona abahlasele umsolwa esemzini wakhe,” kusho uMnu Mafuleka. Uthi umbango uqale eminyakeni eyedlule, kubangwa izindawo zokwakha. “Indodana eshonile yabekwa kule ndawo ngabafowabo abadala abazalwa ngabafowethu abangasekho. Umsolwa namanye amadodana, bebehlala bemchukuluza (umufi) bethi makasuke kuyona ngoba bafuna ukuyisebenzisa. “Ubevele abatshele ukuthi kuzofanele babuyise imali yakhe akhe ngayo umuzi, bona baphendule ngokuthi makayogubha amathuna abafowabo abangasekho afune imali yakhe (kubona) ngoba yibona abamnika indawo.


“Nakuba bekuyimpi eyaziwayo, kodwa bengingakulindele ukuthi ingagcina isifinyelela kulesi sigaba,” kusho uMnu Mafuleka. Uthe udaba lwabo luyaziwa ngisho nasemphakathini. “Sekukaningana impela induna yendawo izama ukungenelela kulesi simo, kanti nami ngokubambisana namanye amalungu omndeni, sazama sahluleka ngoba besithi sisaxoxa, amadodana abizane esitikini,” kusho uMnu Mafuleka. UMnu Samuel Buthelezi oyinduna yendawo ebuye ibe ngundunankulu wesizwe sakwaNyawo uthe ubikelwe nguyise kamsolwa ngesigameko. Uthe iningi lezigameko zalo mndeni zidalwa wukucwila ezidakamizweni kwamalungu awo. Okhulumela amaphoyisa uCol Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNgwavuma, abophe owesilisa (41) osolwa ngokubulala owesilisa (35) eMhlumeni. Umufi kusolakala ukuthi ugwazwe ngomkhonto. Umsolwa uvela namuhla eNkantolo yeMantshi yaseNgwavuma.

Previous articleUNOBHUTSHUZWAYO NEFU ELIMNYAMA KUSHONA USKHUMBA
Next articleUNyazi lukhuze ‘abaphaphile’ eBuhleni