Kuphume izidumbu ‘kubangwa i-TV’

761

Umndeni wowesilisa ushaya amakhala ngokufa kwakhe ngendlela engaqondakali

NGUMNU Bonginkosi Mlotshwa noNkz Nonhlanhla Mbatha abafe ngenxa yombango kamabonakude.

MTHOBISI SITHOLE
KUPHUME izidumbu zezithandani ngoLwesihlanu ebusuku oSizweni, eNewcastle ngenxa yengxabanob equbuke ngokufa kukamabonakude oyiSumsung. Ngokuthola kweLANGA, uMnu Bonginkosi Mlotshwa, udubule isinqandamathe sakhe uNkz Nonhlanhla Mbatha (33) ngoba esisola ngokubulala umabonakude wakhe. Umthombo weLANGA uthi lesi sigameko senzeke kubo kaNkz Mbatha, kubuka izingane zabo ezintathu. Uthi uMnu Mlotshwa uphume kubo wanikela kwaMbatha ethi uhambisa umabonakude wakhe obulawe nguNkz Mbatha, efuna ukubuya nowakhona, ashiye lona ofile.


Yilapho kuthiwa kuphambane khona imibono kwaze kwaphetha ngokuphuma kwezidumbu. Udadewabo kaMnu Mlotshwa, uNkz Gugu Mlotshwa, utshele ILANGA ukuthi basashaqekile namanje ngokwenzekile. Uthe yize kunjalo, kodwa bashaya amakhala ngokuthi umfowabo uzibulele. Utshele leli phephandaba ukuthi umfowabo ubedutshulwe kabili, okushiya imibuzo ngokuzibulala kwakhe. Inhlamvu ingene ngaphansi kwesilevu, enye yangena enhlafunweni. Iqiniso laziwa ngabakwa Mbatha lapho efele khona. Sizolalela abasitshela khona ngoba besingekho singabakwaMlotshwa. Inhliziyo yami kayikutholi ukuphumula ngalokhu okwenzekile.

“Umfowethu ufonele abantu abaningi ebabikela ukuthi uzoya kwaMbatha ahambise umabonakude obulewe ngumuntu wakhe. “Uthe ngeke yena ahlale nomabonakudeofile. Akagcinanga ngokutshela thina ngoba nabo osibali bakhe ubatshelile. “Ukhale ngokuthi uma ebikela uNonhlanhla ukuthi ubulele umabonakude, uphendule kabi yize ethe uzowukhokha,” kusho uNkz Mlotshwa. Uthi emuva kokuba esehambise lo mabonakude kwaMbatha, bafonelwe batshelwa ukuthi mabaphuthume sekwenzeke umonakalo. Uveze ukuthi bashaqekile befica izidumbu zidindilizile emnyango. Umfowabo kaNkz Mbatha, uMnu Mxolisi Mbatha, uthe ngaphambi kokuba kwenzeke lesi sigameko, bahilizisanile nomlamu wakhe kubangwa ukuthi ubefuna ukungena ekamelweni likadadewabo ngenkani.


Uthe obekwenza bangaboni ngasolinye wukuthi bebethi kuyena akawubeke ekamelweni lokuphuma umabonakude, bazobe sebemhambisela ekuseni lona awufunayo. “Akazange ayizwe leyo. Simphushile sathi makaphume, kwaba nguyena udadewathu othi makayekwe awuthathe lo mabonakude abewufuna. Baxabanile-ke nesithandwa sakhe, baphumele ngaphandle, sezwa sekuqhuma isibhamu. Sifike sekonakele,” kusho uMnu Mbatha. Uthi ubengazitsheli ukuthi ukuxabana kwabo kungaphetha ngokuphuma kwezidumbu. Utshele leli phephandaba ukuthi uMnu Mlotshwa ubesewuthathile umabonakude wawufaka emotweni, ngakho-ke akazi okuyikhona okwenze le mpi yaqhubeka.


“Ngokubuka kwami, laba bantu banengxabano yabo esingayazi. Ukungaboni ngasolinye bekuvele kuyinto yabo, kodwa uma sebebuyisene, bekungathi uyabasukela uma uthi bebexabene,” esho. Utshele ILANGA ukuthi isikhathi esiningi bekubangwa ukuthi omunye uye etshwaleni nokujolelana. Uveze ukuthi umbango kamabonakude kawuqali ngalona oholele ekuphumeni kwezidumbu njengoba ethi naphambilini bake baxabana, wafika uMnu Mlotshwa waqukula umabonakude wahamba nawo. Okhulumela amaphoyisa kwa-Zulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala nedokodo lophenyo esiteshini samaphoyisa asoSizweni.
mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleBACELA UKUFUNISWA INDODANA ENYAMALELE
Next articleAbanqobile