Kuputshuka ezokungenami kukaMotaung ngabadlali nabaqeqeshi beChiefs

216

SENZO SOKHELA

KUPUTSHUKA ezithi isifana nesidwa emphinjeni wentendele kuKaizer “Shintsha Guluva” Motaung eyokushaya udaka kwekilabhu yakhe, iKaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi uzwakalise eyokufuna ukubona ushintsho ngokushesha kule kilabhu, kungenjalo, kukhona abazokhonjwa indlela.

ILANGA Lempelasonto lihoshe nge-mithombo yalo ukuthi uMotaung usekhathele wukuba yinhlekisa kwezakhe, ufuna ukubona ushintsho ngokushesha. Kuthiwa akeneme ngezinga elikhonjiswa ngabanye abadlali nangezinye izinqumo ezibuye zithathwe yithimba labaqeqeshi.

UCavin Johnson ololonga iChiefs, uxolisile kuMotaung ngalesi simo esibhekene nekilabhu yakhe. 

Kuvela lezi nje, iChiefs yenze esidume ngakho izolo iphoxa abalandeli bayo, ibambana neMoroka Swallows – nayo eziphathelwe wumkhuhlane – kuba wu-0-0  koweDStv Premiership. Lo mdlalo welama oweLast 32 yeNedbank Cup, lapho iziMpofana zephule izinhliziyo zabalandeli bazo, zikhishwa yiMilford FC – egijima kwiMotsepe Foundation Championship – ngo-5-4 wamaphenathi. Umdlalo ubuphele zibambene ngo-0-0. Owayizolo iChiefs iwuqede ingasaphelele kukhishwa kuka-Edmilson Dove ngekhadi elibomvu emuva kokudlalisa kabi uGabadinho Mhango obesebhekene nonozinti, uBruce Bvuma. IziMpofana zikhombise umdlalo oseqophelweni eliphansi njengoba isikhathi esiningi abadlali bazo bebehluleka wukuphaselana kahle ibhola, ligcine liphumile.

Emdlalweni olandelayo, zizobhekana neLamontville Golden Arrows ngoLwewsibili, zilandelise ngowe-Orlando Pirates ngoMgqibelo – yomibili okungeyeligi.

Previous articleIchithiwe eyekhadi eli-blue kunobhutshuzwayo
Next articleUGatsheni uncome eyokushiywa kweGcokama noKhuzani koweQuantum