Kuvela neyabaqeqeshi abafake izicelo
SENZO SOKHELA
KUPUTSHUKA uhlu lwabadlali abazulelwa ngamanqe kwiOrlando Pirates njengoba kuvela ukuthi kukhona abazochithwa unomphelo, abanye babolekiswe ukuze babuye sebeqine ukhakhayi. IBucs ngeledlule igqabule ifindo lomshado noThulani “Tyson” Hlatshwayo odlala emuva.
Lo mdlali kuvela ukuthi ubefake isicelo sokukhululwa, wadedelwa ngaphandle kwenkinga. ILANGA lithole ukuthi iBucs ibhunga ngekusasa labanye abadlali bayo abasizwa ngendaba isikimu.
Kubadlali abathintekayo, kubalwa uWayde Jooste, uWayne Sandilands okuvela ukuthi angase athathe umhlalaphansi uSiyabonga Mpontshane, uTebogo Tlolane, uNkanyiso Zungu, uSiphesihle Ndlovu, uBongani Sam, uNeverdie Makhubela, uCollins Makgaka, uKwanda Mngonyama, uAbel Mabaso noThabiso Monyane. UGabadinho Mhango vele sekucacile ukuthi uyahamba njengoba AmaZulu FC ekuqinisekisile ngeledlule ukuthi amsayinisile.
Umthombo waleli phephandaba oncikene neBucs, uthe: “IPirates ibhekisisa kahle isikwati sayo ngoba siningi kakhulu. “Isizathum sokuncishiswa kwesikwati wukuthi vele ngesizini ezayo izobe ingadlali emiqhudelwaneni yeCaf. “Abazochithwa bazovulela izikhala abadlali abasha abazosayiniswa, abazokwethulwa maduzane, yikhona nje ukuthi abanye kusaxoxwa nabo. “Enye into elungiswayo yithimba labaqeqeshi ngoba bakhona abafake izicelo ezisacutshungulwa. Hhayi ngoba kuthulekile ngeBucs, ziyenzeka izinto esithe. “USihlalo wayo, u-Irvin Khoza, amakhadi akhe uwadlalela esifubeni besededela ibhomu. “Kukhona okuzayo, mabalinde nje abantu bazobhema bakholwe.”Imizamo yokuthola uKhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.