Kuqaqamba inhliziyo koweRoyal AM ngesigwebo seFifa

951

SENZO SOKHELA

KUQAQAMBA inhliziyo kuJohn Maduka (osesithombeni) ongumqeqeshi weRoyal AM uma ebona amakilabhu ezitamuzela, ethenga abadlali yena engakwazi ukuqinisa isikwati sakhe.

I-AM izobhekana neSekhukhune United kwi-last 16 yeCarling Black Label Knockout njengoba iqhathwe nayo emcimbini obu-ngoLwesibili emini eHyde Park, eGoli. 

Le kilabhu kaShauwn “MaMkhize” Mkhize, kayivumelekile ukusayinisa abadlali njengoba iFederation of International Football Association (Fifa) yayiyalela ukuba ikhokhele uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million emukweleta yona.

“Kasilula neze isimo esibhekene naso, kodwa yinto okufanele siphile nayo kuze kube abaphathi bayazama ukusilungisa isimo. 

“Noma kanjani, kunezindawo engifisayo nami ukuziqinisa. 

“Njengamanje kasinabo ubuso obusha, okusho ukuthi kufanele sisebenze ngalokhu esinakho,” esho.

Uthi akanalo noluncane uvalo ngeSekhukhune, uyabethemba abafana bakhe.

 senzos@ilanganews.co.za

Previous articleUyaziqhathulula umndeni wenkosikazi yephoyisa esolwa ekufeni kwalo
Next articleI-NFP engcupheni yokungalungeneli ukhetho