UVina Maphosa ubonakale ememeza eshwiba nezandla iziMpofana zilahla amaphuzu
PHILANI NCALANE
KUSUKUME noVina Maphosa wezokuxhumana wamemeza abadlali beKaizer Chiefs kunzima ngesikhathi ibambana neMarumo Gallants ngo-0-0 emdlalweni we-DStv Premiership izolo ngeSonto kusihlwa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
IChiefs ibisigijima umdlalo wesithathu kulandelana inganqobi. Ngesiwombe sokuqala ishaye into ephansi kakhulu njengoba ingazange ilikhahlelele ipali. Usizi olugubuzele iChiefs lusukumise uMaphosa obonakale ememeza engaphandle kwenkundla, kucaca ukuthi uwadinga emgodleni amaphuzu amathathu. Lokhu kwenzeke umdlalo sewuzophela.
Nakuba iChiefs ibuye nephuzu kulo mdlalo, kumele ibonge uDaniel Akpeyi ongunozinti wayo ovimbe amabhola anzima abethunyelwa yiGallants. USifiso Hlanti we-Chiefs noCelimpilo Ngema weGallants bakhishwe ngamakhadi abomvu kulo mdlalo ngokwahlukana.
UWashington Arubi ovimbela iGallants naye uvimbe ibhola elinzima lika-Eric Mathoho sekuzophela umdlalo. UBobby Motaung noMolefi Ntseki beziMpofana bese belibalile, kodwa wala waphetha lo nozinti.
IChiefs izovakashela AmaZulu FC emdlalweni weligi ozokuba ngempelasonto eThekwini. Nayo iGallants izokuba seThekwini njengoba iqhathwe neLamontville Golden Arrows ngempelasonto. IChiefs ihlulwe yiRoyal AM ngo-4-1 kanti ngaphambi kwalokhu ibinenebulwe yiMamelodi Sundowns ngo-2-0.
* IRoyal AM iqhubekile nokugila izimanga iguqisa iTS Galaxy ngo-4-2 koweligi izolo ntambama eChatsworth Stadium, eThekwini.
Amagoli okunqobe ngawo i-AM ashaywe nguTshidiso Monamodi ngomzuzu ka-4, uLevy Mashiane ngoka-28, uVictor Letsoalo ngoka-44 noKabelo Mahlasela ngoka-86. AweGalaxy abhakuziswe nguPogiso Sanoka ngomzuzu ka-76 kuyiphenathi noMxolisi Macuphu esikhathini somusa kanondweba.
I-AM izobhekena neMaritzburg United koweligi ngeSonto ngo-15h30 eChatsworth Stadium.
* Isiyonke imiphumela imi kanje: Gallants 0, Chiefs 0; Royal AM 4, TS Galaxy 2; Stellenbosch 2, Chippa 1; SuperSport 2, Maritzburg 1; AmaZulu 1, Baroka FC 0; Pirates 0, Sundowns 2; Sekhukhune 1, Arrows 1; Swallows 0, Cape Town City 0.