Kuqheliswa omakhwapheni ngamahlaya

1412

LUCKY CAIN

UQHELISA omakhwapheni emishadweni ngomcimbi wamahlaya usomahlaya osezakhele igama kulo mkhakha, uSandile “Flymotion” Makhanya (osesithombeni), owake waba ngumsakazi weGagasi FM.

Lo somahlaya osephenduke isilomo senkundla yokuxhumana iTik Tok, uthi ngemuva kokuphuma emoyeni, uthole ikhaya elisha kule nkundla yokuxhumana njengoba amahlaya akhe amaningi asetholakala kuyona.

“Nakuba kwangishaya emphefumulweni ukuphuma emoyeni, kodwa njengendoda bekumele ngishintshe indlela yokwenza ukuze ngikwazi ukuqhubeka nokuphakela abantu ukudla komphefumulo, bahlale bejabulile,” esho. 

   Uthi nakuba engasekho emoyeni, kodwa useyiyona ingxenye yeGagasi FM.

“Ngenza izikeshi zamahlaya ezitholakala ezinkundleni zokuxhumana zeGagasi, kwiYoutube nokunye okuthinta zona,” esho. 

Uthe kuTik Tok usuke eqhakambisa ukuthi kuyahlaleka emshadweni nezinkinga zakhona njengoba nezikhathi zobumnandi zikhona.

Uthi uyayithokozela indlela abantu abamamukela ngayo kule nkundla, ngoba nabalandeli bakhe bayenyuka kuyona.

Lo somahlaya uveze ukuthi usaqhubeka nokwenza imicimbi yamahlaya. 

Uthi umatasa uhlela umcimbi awubiza ngeSide Chick Aside, I’m Married, okuwumcimbi afisa uhanjelwe ngabantu abashadile nabangashadile.

“Kulo mcimbi sizobe sihlekisa ngomakhwapheni, sibakhuza kodwa ngendlela ehlekisayo. Ngeke siqambe amanga, bayayiphazamisa futhi bayayichitha imishado.

    “Ngakho-ke yinto okumele siyikhuze futhi sexwayise, kodwa sikwenze ngendlela nabo labo abasabona kukuhle ukuba ngomakhwapheni, bangazizwa bephoxeka, kodwa babone ukuthi kakubafanele abakwenzayo,” esho.

Uthi njengoba ukuba ngusomahlaya kuwubuciko, kubalulekile ukuthi bakwazi ukufundisa nokuxwayisa abantu ngezinto ezingalungile emphakathini. “Nginxusa abantu ukuba baphume ngobuningi, oshadile nongashadile emcimbini ozoba seBlackrock Casino, eNewcastle ngoMgqibelo,” kusho uFly.

Uzobe ehambisana nosomahlaya okunguSimphiwe Shembe, uNdlebe Kapteni, uQatha Khuzwayo nabanye. 

Previous articleUmndeni uxolisele uMkhize “ngakwenze” ebantwini
Next articleBaqashelwe umqeqeshi wezengqondo abadlali beChiefs