NOMFUNDO NGWANE
WEHLULEKE wukuzibamba wasikhihla phakathi eNkantolo eNkulu yaseThekwini unina ka”Ben 10″ ogwetshwe iminyaka ewu-25 ebhadla ejele ngokubulala isinqandamathe sakhe esikhulile ngeminyaka, esasinguthisha wakhe.
USandile Nzama (22), waKwa-Ndengezi, ugixabezwe le minyaka yiJaji Achmat Jappie ngoLwesihlanu, ngokubulala isithandwa sakhe saseMlazi, esinguNkk Nomasonto Ngwenya (66), okuyisigameko esenzeke ngo-2017.
Ngaphandle kwale minyaka ewu-25 ngecala lokubulala, ubhanselwe ngewu-4 emacaleni amabili, okungelokweba imoto nelokwakha itulo lokubulala. Lezi zigwebo uzozidonsa kanye kanye.
Emuva kokugwetshwa, uhlengezele izinyembezi wakhophoza, ebheka phansi, wacela
ukufaka isicelo sokuledlulisa icala kodwa ijaji lamchitha.
Engxoxweni neLANGA emuva kwesigwebo, uNkz Mabongi Makhanya (42), ongunina kaSandile ogwetshelwe icala lokubulala isithandwa sakhe, uthe: “Kubuhlungu ukuthi ikusasa lendodana yami selishabalele, kangiphikisani nomthetho uma umuntu onile kumele ajeze ikakhulukazi njengoba wabulala umuntu.
“Ngibuhlungu kodwa ukuthi le nto igcine isiphela ngokuba indodana yami iyobhadla ejele. Ngayikhuza ngesikhathi isaqala, ngahamba ngayobika esikoleni ebifunda kusona, ngahamba ngayobika emaphoyiseni ukuthi lo thisha unika indodana yami imoto ibe ingenazo izincwadi zokushayela.
“Ngabuyela kwaze kwaba kathathu emaphoyiseni ngiyobika ngobudlelwano bayo nalo mama, ngiwacela ukuba angenelele. Ngaleso sikhathi indodana yami yayingezwa mshini, ingabambeki, eyibambe ngemali lo gogo. Ngangikhala zonke izinsuku ngiyikhuza le nto, ngathi ngangazi ukuthi isiphetho sayo sizoba sibi kanjena.”
Ubekhuluma neLANGA izinyembezi zizehlela. Uthi indodana yakhe yagila le mihlola nje, yayisiphila impilo entofontofo eyayijwayezwa ngumufi, eyinika imali, eyihambisa ngemoto yakhe, eyifakela ngisho uphethiloli.
ILANGA lixoxe nanendodakazi kamufi, uNkz Nomfundo Ngwenya, eveze ukuthi ijabule ngokuthi uSandile agcine egwetshiwe, yize kungeke kusambuyisa unina.
Uthi yize umbulali egwetshiwe, kodwa sekuzomphoqa ukuba awudayise umuzi kanina ngoba akazi ukuthi kungenzekani ngempilo yakhe.
“Selokhu kwenzeka lesi sigameko, ngakhetha ukuthatha imithwalo yami ngiphume ekhaya ngoba benginovalo lokuthi umbulali angabuya azoqeda ngami,” kusho uNkz Ngwenya.
ILANGA libike kabanzi ngodaba lokubulawa kukaNkk Ngwenya owayefundisa eDurban Christian School, lapho kwakufunda khona uSandile.
Kuthiwa baqala ukuthandana besesesikoleni, okugcine ngokuba uNkk Ngwenya aphelelwe wumsebenzi ngenxa yakho belu ukuthandana kwabo.
Kuthiwa akakugqizanga qakala ukuphelelwa wumsebenzi, waqhubeka nokuthandana noSandile kwaze kwagcina ngokuba ahlale emzini wakhe. Kuthiwa uSandile wayesazi konke ngoNkk Ngwenya, ephatha namakhadi akhe asebhange.
Indaba yonakala ngesikhathi umbulali efuna imali ayeyoyiphuza nabangani bakhe, efuna nokuhamba ngemoto kamufi. UNkk Ngwenya wazonela ngokunqaba nemali nemoto, okwadala ukuba amphoqe ukuba bahambe naye baye eMega Philani Mall, bayokhipha imali.
Wamkhiphisa imali maqede bamfaka emotweni. Besendleni, wakhumula intambo yeteku lakhe wamklinya ngayo.
Esembulele, isidumbu sakhe wasithatha wayosilahla endaweni okulahlwa kuyona udoti, saze satholakala ngemuva kwezinsuku ezimbili embulele.
Nakhona lapho kwaze kwasiza isiqophamkhondo (tracker) semoto kamufi ukuze kubanjwe abasolwa abaficwa phakathi kuyona betetemuka ngayo. Zabakhalela nomfundo@ilanganews.co.za