Kuqhume umkikizo kugwetshwa iphoyisa kwelokubulala ingoduso

463

PHUMLANI GAMA

KUQHUME umkikizo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu, kugwetshwa iphoyisa ngecala lokudubula libulale ingoduso yalo ngo-2021. U-Ambros Dladla (54), ugwetshwe iminyaka ewu-25 ngokubulala uNkz Vuyisile Ndlovu (41)wasePlessislaer, khona eMgungundlovu. 

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeka emzini womsolwa, KwaMpumuza. Kuthiwa u-Ambros wayeselobolile, wembesa, sekusele usuku lomshado. ILANGA labika kabanzi ngalesi sigameko, lapho kwavela khona ukuthi umbulali wazidubula emuva kokudubula umufi, kodwa yena wasinda. 

Ibamba lejaji, uMnu T Hadebe (eligcine lingatholakalanga igama lalo), lendlalele ukuwisa isigwebo ngokufunda izethulo zabameli nomshushisi. Umshushisi uphakamise ukuba u-Ambros anikwe udilikajele. Ijaji lithe ukufanelwe wukuthola lesi sigwebo, ngoba wabulala umufi ekubeni kwakufanele kube nguyena omvikelayo. 

Ngemuva kokumenyezelwa kwesigwebo, amalungu omndeni kamufi nezihlobo ehlulekile wukuzibamba, akikiza. 

U-Ambros uphendukele lapho okuhlala ngakhona izethameli zecala efuna ukubamba ngezandla owesifazane obephakathi enkantolo, ethi udayise ngaye emphakathini nasezweni lonke. “Uthengise ngami ezweni. Ubukisa ngami. Kulungile, uGod uzongenelela. Ngizofaka isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo senkantolo,” kusho u-Ambros, ehla ngezitebhisi eziya esitokisini. 

phumlani@ilanganews.co.za

UMUFI, uNkz Vuyisile Ndlovu eno-Ambros Dladla.

Previous articleLuqalile olwama-number plate amasha KwaZulu-Natal
Next articleBatakulwe ngezizumbulu abakweleta amanyuvesi