Sazi Mkhwanazi Majola
KUQINISE idolo abaqeqeshi beCell C Sharks ukubuya kwabadlali abawu-5 baleli qembu lombhoxo laseThekwini abebeyingxenye yamaBhobhokobhoko – anqobe iNdebe yoMhlaba ye-IRB, eFrance, mhla ka-28 kuMfumfu (October – njengoba bengaphansi kwengcindezi yokunqoba umdlalo wabo wokuqala kule sizini ye-United Rugby Championship. ISharks – esigijime imidlalo ewu-5, yahlulwa kuyo yonke – izobhekana neDragons yaseWales kusasa eKings eHolywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini ngo-19:05.
Ibambe ibhuleki kwi-log yamaqembu awu-16 ngamaphuzu amabili ewathole ngokuhlulwa ngamaphuzu angaphansi kuka-7 emidlalweni emibili. Kule midlalo ihlulwe yiZebre yase-Italy ngo-12-10 ekuhambeni, yaguqiswa yiConnacht yase-Ireland ngo-12-13 ekhaya. Izobhekana neDragons sekubuye u-Eben “Elizabedi” Etzebeth oyi-lock, uMakazole Mapimpi osephikweni lesokunxele, uJaden Hendrikse oyi-scramhalf – abazowuqala umdlalo – u-Ox N’che oyi-prop noGrant Williams oyi-scramhalf – abasebhentshini. Ngeledlule kubuye uLukhanyo Am – odlala enkabeni – ongukaputeni. “Kuyasijabulisa ukubuya kwabadlali bethu abebeyingxenye yeNdebe yoMhlaba ye-IRB, babuya nomfutho oyisimanga. Ukubuya kwabo kuthelele iqembu lonke ngomdlandla wabo, okwenza sonke siwubheke ngabomvu umdlalo wakusasa,” kusho umqeqeshi wabagadli beSharks, uDave Williams. Uqhube ngokuthi banesu elizothatha isikhashana ukuthela izithelo, kodwa okubalulekile okwamanje, wukuqedela amathuba abawatholayo emidlalweni. “Uma usebenzela iqembu elifuze leli, ubhekana nengcindezi yokukhiqiza imiphumela emihle,” kusho uWilliams. Kuzokhumbuleka ukuthi u-Etzebeth noN’che, babambe elikhulu iqhaza ekutheni AmaBhokobhoko abuye nendebe. UMapimpi walimala umqhudelwano ungakapheli kanti uWilliams noHendrikse kabatholanga ithuba elithe xaxa. Ngaphandle kwalaba badlali, uFez Mbatha oyi-hooker, uzothatha indawo kaDylan Richardson ongase angabonakali enkundleni amasonto awu-8 ngenxa yokuhlinzwa umunwe.
Isiyonke imidlalo yamaqembu aseNingizimu Afrika ye-United Rugby Champions, imi kanje:-
Namuhla
Cardiff vs Stomers 21:35
Kusasa
Lions vs Zebre 14:55
Bulls vs Connacht 17:00
Sharks vs Dragons 19:05