Kuqokwe ithimba elizoxazulula imbango yezihlalo zobukhosi

181




LUCKY CAIN

KUQOKWE noMntwana uMbonisi kaBhekuzulu (okwesokunxele) ethimbeni elizosebenza nohulumeni ukuxazulula izinkinga ezidaleka ngenxa yombango wezihlalo ezindaweni ezingaphansi kwamakhosi. Leli thimba elizoholwa nguMntwana uMathubesizwe kaBhekuzulu liqokwe nguNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya nezoMdabu KwaZulu Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi (ophakathi) - ongundunankulu kaZulu neSilo uMisuzulu kaZwelithini.

Kulona kukhona nabanye abantwana okungoVulindlela kaBhekuzulu, uMxolisi kaBhekuzulu, uLindi kaBhekuzulu, uMntwana Thuthukani kaMcwayizeni kaSolomon, inyosi uBuzetsheni Mdletshe nabefundisi uCanon Hamilton Mbatha noCanon Daniel Mthembu.
UMfu Buthelezi uthe leli thimba yilona elizobambisana nemindeni yamakhosi ebangayo beselidlulisela umbiko emnyangweni. Uthe lizobamba iqhaza elimqoka ukuqinisekisa ukuthi kuba nokuthula nobumbano ezizweni zamakhosi.
Previous articleIbhokile indlala yemisebenzi eNingizimu Afrika
Next articleOwoKhozi ucela umkhuleko ngomuga wokushona kwabasakazi