Kuqokwe owe-ANC kwesikasomlomo wePhalamende

152

BHEKI NDLOVANA 

KUQOKWE uNkk Thoko Didiza we-ANC – obengungqongqoshe wezolimo, ezokuklanywa kabusha kwemihlaba nokuthuthukiswa kweziNnawo zasemakhaya kwesikasomlomo wePhalamende. 

Unqobe ngamavoti awu-284, ehlula uNkk Ntombovuyo Veronica Mente ongusihlalo we-EFF, othole amavoti awu-49. 

Igama likaNkk Didiza beliphakanyiswe nguNkk Pemmy Majodina we-ANC obengusotshwebhu ngaphambi kokhetho lwamhla ka-29 wenyanag edlule.  Ukuphakanyiswa kwegama likaNkk Didiza kwesekelwe nguMnu Supra Mahumapelo oyilungu le-ANC ePhalamende. 

ElikaNkk Mente beliphakanyiswe nguMnu Vuyolwethu Zungula ongumholi we-ATM. Ukuphakanyiswa kwegama likaNkk Mente kwesekelwe nguMnu Bantubonke Holomisa ongumholi we-UDM. 

Previous articleUdedelwe ngebheyili osolwa ngokuzama ukubulala inkosikazi yomfowabo ngenxa yamafa
Next articleUNdunankulu waKwaZulu-Natal omusha, uMnu Thami Ntuli, uthembisa ukusebenza ngokubambisana nabanye abaholi ukwenza ngcono impilo yabantu bakulesi sifundazwe