Kusabatshazwa isihluku sesoka “elibulale” izaguga lixabene nomzukulu

255

NONHLAKANIPHO SHINGA

KUSABATSHAZWA isihluku sowesilisa osolwa ngokubulala izaguga seMahlongwa, eMkhomazi ngempelasonto edlule, emuva kokuba exabane nomzukulu wazo, okungaziwa ukuthi bebebangani. Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, umzukulu walezi zaguga, ube nokungaboni ngasolinye nowayeyisoka lakhe, uMnu Vukile Matolo (29), okuthiwa umshayile (umzukulu) wabaleka wayongena endaweni yokucima. Ngokusho komthombo okhulume naleli phephandaba, uMnu Mandla Mkhize (69) nomkakhe, uNkk Thembelihle Mkhize (68), bebephuma esontweni ngesikhathi behlaselwa ngumsolwa, okuthiwa ubagwazile, wabanquma uqhoqhoqho. Kuthiwa umsolwa uzinikele emaphoyiseni eseMkhomazi, wavela eNkantolo yaseScottburgh. Kulindeleke ukuba aphinde avele maduze ngamacala amabili okubulala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshiwe, wavela enkantolo.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleSiqhubeke sesichithwe yinkantolo isiteleka sezisebenzi zeTheku
Next articleI-DA ikhale ngokumoshwa kwemali kuphenywa inkohlakalo kuPappas ophume phambili