SKHOSIPHI MTHEMBU
KUNUKE umthofi zalahlwa ngelakubo, zasala enkundleni “izinswelaboya” eziyisihlanu kweziwu-8, ezisolwa ngokugqekeza ezitolo ezahlukene enxanxatheleni yezitolo eMpangeni, maqede zathatha impahla zashaya zachitha. Kubikwa ukuthi abasolwa bagasele enxanxatheleni yezitolo izolo ekuseni, babamba inkunzi maqede bazitapela impahla yokugqoka, kanti bazolahlwa ngelakubo sebezama ukubaleka. Izolo ngoLwesithathu kusabalale i-video yabasolwa bebonakala bematasa, bephuthuma belayisha impahla ezimotweni abebehamba ngazo, okuyi Toyota Etios esagolide neVW Polo e-silver grey.
Kule video, abasolwa bayabonakala belayisha impahla yokugqoka, kubonakale nomunye wonagada ezama ukubavimba, kodwa bashaya bachitha ngezimoto, bebaleka nenqwaba yempahla. Kuthiwa kube sekuthintwa abanye onogada abebeseduzane, bahlaba umkhosi kwangenela namaphoyisa ukuthi kuvinjwe abasolwa, okuphethe ngokuthi azinqobe izigebengu sezibheke eThekwini, ngasesikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport. ILANGA lizifikele mathupha endaweni yesigameko, ubukhangwa yinqwaba yezimoto zamaphoyisa neToyota Etios ebiginqike yalala ngohlangothi. Ibimbobombobo yizinhlamvu zesibhamu, kwazise abasolwa kuthiwa bebedubulana namaphoyisa Uma udlula ibanga elifushane, bekukhona iVW Polo nayo ebibonakala sengathi iqale yaginqika njengoba ibilimele, ngaphakathi kukhona abasolwa abane, bonke beshonile.
Ababili kulaba basolwa bebelele ngaphandle kwemoto, ababili belele ngaphakathi kuyona. Phansi bekusakazeke izimpahla zokugqoka okusolwa ukuthi zebiwe kule nxanxathela yezitolo. Esitatimendeni esithunyelwe ngamaphoyisa ngomlomo kaBrigadier Jay Naicker, siveze ukuthi ekuseni izolo ngoLwesithathu, abasolwa abawu-8 bagasele kule nxanxathela yezitolo eMpangeni, behamba ngezimoto ezimbili. Uveze ukuthi babambe oyedwa wonogada bangena kwesinye isitolo sezingubo. Babe sebentshontsha izingubo nokunye ngaphambi kokuba babaleke. Kuthe sebengaseTongaat Toll Plaza, badubula bebhekise emaphoyiseni abebajaha kanye nezinkampani zonogada ezahlukene nabo baphindisela. Uthi izimoto zabo ziphaphalazile kanti kwi-Etios kufe umso-lwa oyedwa, kwathi ababili balimala oyedwa waboshwa, kwathi abanye abane abebehamba ngenye bashona. Uthi kuvulwe icala lokuzama ukubulala, elokubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni. Uthi abasolwa kuzobhekwa ukuthi kawekho yini amanye amacala abathinteka kuwona.skhom@ilanganews.co.za