Kusekude avele phambi kwabantu uDSD osededeliwe esibhedlela

126

MTHOBISI SITHOLE

ULULAMELA kubo umculi kamaskandi, uKhangelani “DSD” Mhlongo (osesithombeni), obengeniswe esibhedlela emasontweni amabili adlule ngenxa yokuxinwa wukugula. UMnu Thabani Mhlongo, oyilungu lomndeni, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi lo mculi usengcono kakhulu, uphume ngesonto eledlule esibhedlela. 

  Uthe okwamanje ululamela eGoli, emuva kwesikhashana uzoya kubo eShobalenyathi, eNkandla. Uveze ukuthi nakuba eselulama, kodwa okwamanje ngeke aye phambi kwabantu. “Kusadingeka amasonto ambalwa athole amandla,” esho.

Lo mculi ubelaliswe kwesinye sezibhedlela eGoli amasonto amabili. Leli phephandaba libike kabanzi ngokugula kwalo mculi. Uthi isimo salo mculi besisibi kakhulu engena esibhedlela. Uthe abaculi banikele ngemali engango-R20 500. Ukugula kwakhe uKhangelani kumqinise kakhulu ngoZibandlela (December) nyakenye. Omunye wabaculi bakamaskandi, uNjoko, uthe baqhathanise umnikelo ngoba bafuna asizakale kodokotela.

Kubaculi abelule isandla kubalwa uFalabo, uLimit, uJaiva, uGatsheni, uKhuzani, uQhosha, u-Ali Mgube, uMashelela, uDumakahle, iNkosi Yamagco-kama, uSmirnof, uNgelo V, uSomntwana, uSongqongqo, uPotso, uMenzi, uNtencane, Abafana bakaMgqumeni, uMzukulu, uLuve, uThandazani noKwazi Nsele.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleUsathuthumela owe-gospel ohlaselwe yizinswelaboya zamendlula impahla emzini wakhe, eNanda
Next articleLibalahlile ababulala ikhansela le-IFP