Kusemnyama ngemali yabanqoba kuma-KZN awards

898

Basancela izithupha abanqoba kumaKZN Entertainment Awards

INJABULO eyayiphuphuma kuKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose kumenyezelwa ukuthi unqobe uR600 000 kumaKZN Entertainment Awards
ngoZibandlela (December) nyakenye eThekwini, seyiphenduke usizi kulesi silomo nakwamanye amaciko ahlomula njengoba itshe lisalokhu lome
inhlama emabhange

INTATHELI YELANGA

KUSEMNYAMA ebusweni benka-wu ngomklomelo wemali yamaciko nemivuzo yabasebenza endimeni yezobuciko KwaZulu-Natal, abahlomula ngezindondo emcimbini wama-KZN Entertainment Awards, owa-wungomhla ka-15 kuZibandlela (December) wanyakenye, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.

Abahleli balo mcimbi owawu-sezingeni eliphezulu, bathembisa ukuthi wonke umuntu ohlomule ngendondo, uzophinde athole isizumbulu sika-R100 000. 

Nokho kuze kube yimanje ake-kho osabonakale ejabulela lesi sizumbulu. Ekupheleni kwenya-nga edlule (March), kwakulinde-lwe ukuthi ngeke iphele abantu bengayitholile imali yabo.

UMnu Sthembiso Mngoma wa-bhala ekhasini likaJacinta Ngobese ongumsakazi weVuma FM, owanqoba isicoco seBest Female Presenter, ukuthi: “Aba-ntu abanqoba izindondo kuma-KZN Artist Awards ngo-15 Dece-mber, namanje kabakayitholi imali yabo.”

Abantu abaphawula babekhala kakhulu ngemali yabo abayisebe-nzisa bevotela abanqoba. Ukuvota kwakubiza u-R1.50 ngomuntu ngamunye, kanti kwakungakalelwe ukuthi umuntu uvota kangaki emunye.

UKhuzani Mpungose yena wagila izimanga kulo mcimbi, ekhala emuka nomklomelo ohambisana no-R600 000, nokho nawo ongakaze ufike ezandleni zakhe. 

Amanye amaciko ahlomula kulo mcimbi kubalwa uDJ Tira, uDogg Dbn, Eyadini Lounge nabanye.Ngemuva kokunqoba, iningi lama-ciko lalijabule ngale mali, lilibeka ngembaba elokuthi izoshintsha impilo yawo njengoba izwe lava-lwa isikhathi eside nyakenye ngenxa yeCoronavirus.

Nokho manje iningi selikhala ngemali yalo elavota ngayo. Umsunguli wala ma-Awards, uMnu Mhlo Gumede, utshele ILANGA ukuthi amaphaphu pha-nsi.

“Abakakhokhelwa kodwa mababekezele, iyeza imali yabo,” esho. Ugcine engaphumelanga obala ngosuku noma inyanga abazoyithola ngayo.

Phambilini abahleli balo mci-mbi bake bafaka ekhasini labo laku-Instagram, ukuthi abantu mabalungise imininingwane yabo yasebhange ngoba imali izongena maduzane, kanti sekuphele isikha-thi esingaphezulu kwenyanga bakubhala lokhu. 

Lo mcimbi wawubukeka udle izizumbulu zemali njengoba kwakuqashwe kuwona uBlack Coffee, uSjava, iBIG Nuz, uMondli Ngcobo nabanye, ukunandisa. 

UMhlo uthembise ukuthi lo mcimbi usazoqhubeka naseminya-keni ezayo. 

www.ilanganews.co.za

Previous articleUselinde izincomo zendlunkulu ‘ozoluleka’ iSilo esisha
Next articleKudungeke izinhlelo zoSuthu