Kubikwa ukuthi bebethandana, bahlukana ngoba umsolwa emhlukumeza umufi
NONHLAKANIPHO SHINGA
KUBIKWA ukuthi usakhungathekile namanje umndeni womfundi waseTshwane University of Technology (TUT), odabuka eNewcastle, uNkz Ntokozo Xaba (21), okuthiwa ugwazwe wabulawa ngowayeyisoka lakhe endaweni abebehlanganele kuyona, bezijabulisa emzini othile ose-
Protea Gardens, ePretoria. ILANGA lixhumane nezihlobo zalo mfundi ezithe kazikwazi ukukhuluma ngalolu daba okwamanje, zathi uyise kamufi akekho esimweni esikahle sokukhuluma ngenxa yalesi sigameko. Leli phephanda lixhumane nomzala kaNkz Xaba, othe akakwazi
ukukhuluma ngaphandle kwemvume yabazali bakamufi.
Unike leli phephandaba inombolo athe ngekanina kamufi, kodwa ibikhala ingabanjwa. Izindaba zokubulawa kukaNkz Xaba zisabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoMgqibelo, kanti kuthiwa abangani abebehleli naye ngoLwesihlanu, bathi bamshiye nalona wesilisa owayeyisoka lakhe, naye okuthiwa ngowaseNewcastle. Ngokwemibiko, isidumbu sitholakale ngoLwesihlanu emuva kokuba abangani bakamufi bezame ukumthola, bangakwazi. Baze bashaya ucingo balubhekisa e-Ekhaya Junction, okuyindawo ehlala abafundi baseTUT.
Kuthe uma kuyobhekwa, kwaficwa isidumbu sakhe sidindilizile, sinamanxeba okugwazwa entanyeni.
Lesi sikhungo sikuqinisekisile lokhu, sathi sisalinde umbiko wamaphoyisa ngaphambi kokukhipha isitatimende. Ngokusho kokhulumela amaphoyosa, uColonel Dimakatso Sello, lona wesilisa uthathwe ngamaphoyisa ukuyophonswa imibuzo ngakwaziyo ngalesi sigameko.
UNkz Xaba ubenza unyaka wesithathu ezifundweni zezokuxhumana. ILANGA likhulume nomunye womakhelwane bakwaXaba othe
kwabona basakhungathekile ngalesi sigameko. “Kangithandi ukukhuluma kakhulu ngoba bangomakhelwane bami, kodwa nje umndeni wakhe kawukho esimweni esihle ngemuva kokuthola umbiko ngalolu daba. “Uyabonakala nje ukuthi kwawona udidekile ukuthi kwenzekeni enganeni yawo,” kusho yena.
Uchaze uNkz Xaba njengengane ebinomusa, ebeyihlala izihlekela nje, emuhle ngaphakathi nangaphandle. Ngokubika kwamanye amaphephandaba, ukhona umzala wakhe oveze ukuthi uze wahlukana naleli soka lakhe nje ngoba beselimhlukumeza. Omunye umzala wakhe okhulume nephephandaba iTimesLive, uveze ukuthi uNkz Xaba waqale wangabatshela bewumndeni ukuthi ubhekene nenkinga yokuhlukunyezwa yisoka lakhe, kodwa uthi abangani bakhe babazi ngoba okuningi kwakwenzeka phambi kwabo. “Kuze kwadingeka ukuthi ayobika emaphoyiseni, kodwa wangasizakala ngobake siyazi ukuthi umthetho kuleli lizwe unjani.
“Ubebaleka njalo uma embona efika lapho abehlala khona, ayohlala nomunye umngani wathu,” kusho yena. Uthi ngisho abangani bakhe laba abamshiye naye umsolwa, baveze ukuthi bebesaba ukumshiya naye ngaleli langa abebehleli ndawonye ngalo, kodwa wathi ucela
asale yikhona ezokwazi ukukhuluma naye. Umzala wakhe uthi abangani laba babone ukuthi mabaqhubeke bahambe ngoba wabatshela ukuthi ngeke abenalutho, bangamshiya. Echaza umufi, uthe ubefuna ukuba ngumuntu ozithuthukisayo ngokwemfundo nangempilo. Ubefuna ukuziphilela impilo emnandi, akwazi ukuzenzela konke akufunayo, futhi ehlakaniphile.
“Sizokhumbula indlela abenothando ngayo nangengendlela abenakekela ngayo abantu abasondelene naye. Ubewuthanda umndeni, ikakhulukazi izingane zakubo,” kusho yena. Njengoba umsolwa kuthiwa uke wadlalela iqembu lombhoxo iBlue Bulls, nalo leli qembu likhiphe isitatimende likhalisana nomndeni wakwaXaba. UMengameli weBlue Blues, uMnu Willem Strauss, uthe uyaqonda ukuthi lo mndeni ukhungathekile futhi uphazamisekile ngesikameko esehlele indodakazi yawo obubeke ithemba elikhulu kuyona. “Njengomzali nomkhulu, ngiyaqonda ukuthi babhekene nobuhlungu obuyisimanga njengoba belahlekelwe ngumntwana. “Izingane zethu uma sizikhulisa, kasifisi ukuthi singcwatshwe yithi kepha sifisa ukuzibona ziqhakaza