Kushaqwe unogada wenkulisa ngabesifazane abatholwe bebulewe

439

Bebegqitshwe bobabili emgodini owodwa ongashoni befakwe opulastiki emakhanda, baboshwa izandla

SKHOSIPHI MTHEMBU
KUTHUSE amalungu omphakathi waseMgababa, eningizimu yeTheku ukuboshwa kukanogada wenkulisa yendawo, kulandela ukutholakala kwezidumbu ezimbili zabesifazane abebenyamalele, okungumnikazi wayo nesisebenzi. Kubikwa ukuthi uNkz Monica Xulu (81) ongumnikazi wenkulisa, noNkz Zanele Mbuso (61), batholakale begqitshiwe emgodini ongashoni eduze kwayo inkulisa sekuphele amasonto amabili benyamalele, bengaziwa. Kuthiwa batholwa nje, umsolwa ubeseqalile ehubhuza amanga, edukisa umkhondo, etshela amaphoyisa namalungu emindeni yabo ukuthi wagcina ukubabona bethathwa yimoto engaziwa enezinombolo zaseGoli. Kubikwa ukuthi banyamalale bephuma ukuyothenga ukudla kwasenkulisa abebesebenza kuyona, baze batholwa ngoLwesihlanu sebebulewe.


ILANGA lithole ukuthi izidumbu zabo zitholwe ziboshwe izandla, zifakwe nopulasitiki emakhanda. Kuthiwa umsolwa ubesebenza kuyona le nkulisa futhi ehlala kuyona. UNkz Mbuso noNkz Xulu batholwa nje, izithombe zabo bezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, imindeni icela ukufuniswa bona njengoba bagcinwa ukubonakala bephila ngomhla ka-9 kuNcwaba (August). UMnu Menzi Xulu ongumzukulu kaNkk Xulu, uthi uninakhulu wakhe ubulawa nje, ubeseke wakuzwakalisa ukungenami kwakhe ngomsolwa, ethi kunezinto ezimlahlekelayo enkulisa. Uthi uninakhulu ubebuye akhale ngokuthiumsolwa ufuna amkhuphulele iholo ekubeni wamthatha ethi uyamsiza ngoba eswele indawo yokuhlala.
“Umsolwa wafika kule ndawo engenayo indawo yokuhlala, ugogo wamzwela, wamqasha ukuba asize enkulisa, ehlala khona.

Kuhambe isikhathi wagcina esemakhela umuzi, ngaphakathi enkulisa. Ubeke asitshele ekhaya ukuthi lo muntu uyamhlupha ngokufuna amkhuphulele imali, ekubeni wayethi uyamsiza,” kusho uMnu Xulu. Uthi ngoLwesine mhla ka-10, uninakhulu wakhe enyamalale ngayizolo, waya enkulisa eyobheka ukuthi kwenzekeni kodwa umsolwa wenqaba ukuba angene endlini yakhe, bakhuluma engaphandle. “Ngiyasola ukuthi ngesikhathi ngifika, wayevele esebabulele bengaphakathi lapho ayebafihle khona. Wangitshela ukuthi ugogo uthathwe yimoto ethi uya enyangeni ngoba uphuphe umkhulu. Kuyacaca ukuthi lokhu wakusho ngoba ezama ukudukisa umkhondo, okunye esifuna kuvele, wukuthi ubesizwa ngubani ngesikhathi ebabulala ngoba kasikholwa ukuthi wakwenza yedwa lokhu,” esho.


Uthi uninakhulu ubewusizo emphakathini, kunabantu asebephumelele empilweni abanemizi yabo ababegadwa nguyena kuyona le nkulisa. Izolo ngeSonto uphiko kwabesifazane lwe-ANC kuleya ndawo, lube nomkhuleko ngaphandle kwenkulisa eduze komgodi lapho okutholwe khona abafi. UNkz Dawn Gounden okhulumela umndeni wakwaMbuso, ophinde asebenzele inkampani ezimele yabatakuli ebiyigxenye yokuthungathwa kwalaba, uthe umndeni ubhekene nesimo esinzima ngento ebehlele. Uthi phambilini imindeni ibiyazi ukuthi laba bathathwa yimoto ngosuku abagcine ukubonakala ngalo. Uthi umsolwa obesebenza nabo ushaqwe ngamaphoyisa, futhi nguyena obedukisa umkhondo, owatshela amaphoyisa ukuthi bathathwa yimoto engaziwa. “Watshela amaphoyisa ukuthi laba bahambe beyothenga ukudla kwasenkulisa, babuya bakushiya babe sebethathwa yimoto engaziwa, bathi baya enyangeni eKwa-Makhutha.


“Emuva kokuthola le mininingwane, kube sekubhekwa yonke indawo, okubalwa nakhona KwaMakhutha, kodwa bangatholakala. Uphenyo lwamaphoyisa luhambe lwaze lwafika enkulisa abebesebenza kuyona. “Amaphoyisa afike nezinja okuyizona ezigcine zithola lapho begqitshwe khona bobabili emgodini owodwa. Sisola ukuthi babulawa ngokuncishwa umoya,” kusho yena. Uchaze uNkz Mbuso njengomuntu obesebenzela umndeni wakhe futhi ewuthanda. Uthi yingakho kusolisile nakuwona uma ehamba engabuyi ekhaya, ngoba ubeqinisekisa ukuthi uyaxhumana nezingane zakhe uma kukhona lapho ezoya khona. “Okwamanje kasinalo ulwazi lwembangela yokubulawa kwabo.


Ukhona osethathwe ngamaphoyisa yize sikholelwa ekutheni obenza lokhu ubengeyedwa,” esho. Ikhansela lendawo uMnu Mfanafuthi Mgobhozi linxuse umphakathi ukwehlisa umoya, ungazithatheli umthetho ngezandla, uyekele konke emaphoyiseni. Okhulumela amaphoyisa, uRobert Netshiunda, uthe amaphoyisa abophe umsolwa oyedwa. Kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze. skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUphume ngesamagundane umqeqeshi weChiefs
Next articleUthi akakugqizi qakala okushiwo ngaye