Kushayeke nosomabhizinisi abancane ngomlilo waseRichards Bay

165

PHUMLANI GAMA

KUSHAYE nosomabhizinisi abasafufusa ukuqubuka komlilo enkampanini yezingodo iRichards Bay Woodchip Mill. 

NgoMgqibelo kuqubuke umlilo obusha ubuhanguhangu kule nkampani okusolakala ukuthi uphehleke ebhandeni elihambisa izingodo. 

Kunezinsolo zokuthi udalwe wukushisa nomoya obukhona ngosuku lwesigameko. 

NgoLwesibili, ILANGA lifike kule nkampani usavutha umlilo. Bekusha ingxenye enkulu yomkhiqizo. 

Engxoxweni noMnu Jean Simpson, oyisikhulu esiphezulu sale nkampani, uthe baningi osomabhizinisi abazobhekana nobunzima kusalungiswa umonakalo. 

Ukhale ngokuthi kuningi okungelona iqiniso okushiwo ngabantu ngemuva kwalesi sigameko. 

“Kunabantu abahubhuza amanga, bethi umlilo udalwe wukuthi kunamakhemikhali athile esiwasebenzisayo uma sigaya izingodo. Sisebenzisa umshini ukugaya ugodo lunjengoba lusuke lulethwe ngumuntu,” kusho uSimpson. 

Uthe abantu abaqashwe kule nkampani ngeke baphelelwe yimisebenzi. 

“Sizoqhubeka nokubagcina futhi bazoholelwa imali yabo kuze kube kuphela izinyanga eziwu-6 kusalungiswa umonakalo. 

“Ukulungiswa kwesimo kuzothatha izinyanga eziwu-6 kuya kweziwu-18,” kusho yena. Uthe iningi kakhulu imali ebalahlekele kulo monakalo. 

UMnu Bonga Mthiyane ongumholi weBM Foundation, esebenzisana namakhosi aseKing Cetshwayo, uthe usuku nosuku bayasibheka isimo kule nkampani selokhu kwenzeka isigameko.

Previous articleUxakwe yizingcingo okuvela ukuthi uno-R2 million
Next articleKubhekwe osondonzima babaholi kokaLangalibalele