Umengameli uthi ulindele umbiko wophiko lwezobunhloli
LUCKY CAIN
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi ulindele umbiko wophiko lwezobunhloli mayelana nesigameko sokushiswa kwamaloli ayisithupha emgwaqweni onguthela-wayeka uN3, eVan Reenen’s Pass, eDrakensberg ngoMgqibelo kusihlwa. URamaphosa, obekhulumanabezindaba izolo ngeSonto uzwakalise ukukhathazeka ngalesi sigameko, walimisa ngesihloko elokuthi abathintekayo kumele babhekan engaloyomthetho. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Jay Naicker, uthe bekungakacaci ngembangela eholele kulesi sigameko. Uthe kubikwa ukuthi iqulu lamadoda abehlome ngezinganono amise amaloli ayisithupha kule ndawo.
“La madoda akhiphe ngodlame abashayeli bala maloli ngaphambi kokuthi awangqongqise ngomlilo, okugcine kudala isiminyaminya kulo mgwaqo oxhumanisa lesi sifundazwe nezinye,” kuchaza uNaicker. Uthe kabekho osekubikwe ukuthi balimele ngenxa yalesi sigameko. Uqhube wathi kuvulwe icala lokucekela phansi impahla. “Sekujutshwe uphiko lwamaphoyisa iPublic Order Policing ukuqapha isimo,” kusho uNaicker. Kushaye isikhathi sokuloba lo mgwaqo usavaliwe. Okhulumela uMnyangowezokuThutha esifundazweni uMnu Kwanele Ncalane, uthe lesi sigameko sibazumile kwazise banalo uhlelo lokuqapha lo mgwaqo kulandela izigameko zalolu hlobo ezike zenzeka phambilini.
Uthe bekungakacaci ukuthi ngabe lesi sigameko sihlobene yini nezinxushunxushu ezithinta abashayeli bamaloli ezike zabikwa phambilini. “Okwamanje ngeke sikwaziukusho ukuthi yikuphi okuholele kulesi sigameko njengoba sisizumile, kodwa siyathemba ukuthi uphenyo lwamaphoyisa luzocacisa imbangela. “Nathi sizolwenza olwethu njengomnyango,” kusho uNcalane. Uthe ukuvalwa komgwaqo walolu hloboakugcini nje ngokuphazamisa ukuhamba kwezimoto kodwa kukhinyabeza nomnotho wezwe, kubeke nempilo yabasebenzisi bomgwaqo engozini. “U-N3 wumgwaqo oxhumanisa isifundazwe nezinye, namanye amazwe ngakho izinto ezisukezithuthwa ezimqoka zihamba kuwona lo mgwaqo, njengoba kwesinye isikhathi kuba nemishanguzo ethinta isimo sempilo yabantu.”
Uthe bebengakahlonzi ukuthi ungakanani umonakalo odalekengenxa yalesi sigameko njengoba lo mgwaqo uvalwe amahora angaphezulu kwayishumi nambili. Kuzokhumbuleka ukuthi zike zabikwa izigameko zokushiswa kwamaloli phambilini, kuwona lo mgwaqo, lapho kwasolwa khona izinkinga zabashayeli bamaloli ababekhala ngokuqashwa kwabashayeli bokufika kuleli. Lokhu kwaholela ekutheni amanye amaloli agcine ngokungabe esawusebenzisa lo mgwaqo ngenxa yokwesabela ukuphepha kwabashayeli bawo. UNcalane uthe ngokwazi kwaboudaba l bebesaluxazulula futhi kunenhlasi
yethemba ngalo.