Kushiswe enye itekisi yakwaZimdollar

1057

PHUMLANI GAMA

KUBANJWE umoya ngempilo yomshayeli wetekisi yakwaBiyela, oBuka, eMpangeni, ongeniswe egunjini labagula kakhulu emuva kokusinda ngokulambisa edutshulwa emgwaqweni u-R34 ngoMgqibelo, emuva kwalokho kwashiswa itekisi. Isisulu sishayela enye yamatekisi kaMnu Vika Biyela ongumfowabo kaZimiphi “Zimdollar” Biyela, ongumsakazi woKhozi FM. Akuqali ukuhlaselwa kwamatekisi kaBiyela njengoba ngasekupheleni konyaka odlule kwashiswa awu-14. 

UBiyela uthe umshayeli wakhe wehlelwe yilo mshophi eqeda ukwehlisa abantu abebeqashe itekisi ibahambise emcimbini wokwethulwa komqulu we-ANC wezethembiso zokhetho, obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo. Uthe umshayeli umtshele ukuthi uhlangane netekisi ebilayishe abantu abambalwa, ingafakiwe i-number plate, yaphenduka yadubula ibhekise kuyena. 

Uqhube ngokuthi uyazi ukuthi inkulu impi ebhekiswe kuyena kanti-ke kumzwisa ubuhlungu ukuthi kuzona zonke izigameko ezenzekile, akuboshwa muntu. “Amaphoyisa ngiyawanika amagama abantu abagila yonke le mikhuba yokucekela phansi izinto zami,” kusho uBiyela. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMpangeni aphenya icala lokuzama ukubulala nelokucekelwa phansi kwempahla. 

Previous articleSekuyophela inyanga kungafundwa ekolishi ngenxa “yokuxoshwa” konogada
Next articleKukhona nababanjwe eSwazini kwelokubulawa kuka-AKA