KUSHISWE IZELAMANINEZIMOTO ZAZO

347

SKHOSIPHI MTHEMBU
KUSOLWA ukuthi bebesiza intombazane ebihlaselwa ngabasolwa, abesilisa ababili abayizihlobo ababulawe maqede bashiselwa ezimotweni zabo, esigamekweni esenzeke eDukuduku, eMtubatuba. NgoLwesithathu kutholakale izimoto ezimbili zishisiwe zohlobo lweMercedes Benz neToyota Yaris, zinamathambo abantu phakathi. Amathambo atholwe emotweni eshisiwe kusolwa ukuthi ngaka-Mnu Ntuli noMnu Nkwanyana, amagama abo angatholakalanga. ILANGA lithole ngomthombo osondelene nodaba ukuthi laba babulawa nje, bebezama ukusiza
intombazane, ababulali abebezama ukuyidlwengula ebusuku.


Umthombo uthi lona wesifazane ubephuma ephathini yomngani wakhe, okuthe uma esegoduka wacela owesilisa amaziyo ukuba amphelezele. Umthombo uveze ukuthi lona wesilisa owaziwayo, ube esecela umngani wakhe ukuba bahambe naye baphelezele le ntombazane. Kuthiwa endleleni babe sebeyijikela ntombazane, omunye wabasolwa efuna ukuhamba nayo iyolala endlini yakhe, yenqaba. Kuthiwa kuthe besadonsisana ngayo, kwaqhamuka izimoto ezimbili zilandelana, obekungezalaba abashonile. Behlile emotweni bazama ukulekelela intombazane. “Kube sekuqubuka ingxabano phakathi kwabashonile nabasolwa, eholele ekutheni abasolwa bagwaze laba bobabili abebehamba ngezimoto bababulala.


“Baqede ukubabulala bathatha izidumbu zabafi bazifaka ezimotweni zabo bayozishisa kude,” kusho umthombo. ILANGA likhulume nomthombo osondelene nentombazane, ocele ligodlwe igama lawo, othe abasolwa bayithathile intombazane bayifaka emotweni, bahamba nayo ngesikhathi beyoshisa izidumbu. Uveze ukuthi sebekwenzile konke lokhu, bayisabise ngokuyibulala uma ike yakhuluma ngokwenzekile.
UMnu Mkhawuleni Zulu oyikhansela kule ndawo, usiqinisekisile isigameko sokutholakala kwezimoto ezimbili zishisiwe, zinamathambo abantu phakathi. “Yize singeke sisho ukuthi ngeyobani le mizimba, kodwa zikhona izimoto ezimbili ezitholwe zishisiwe, phakathi kunabantu abebeshe bangqongqa.

Okwamanje besingakazi ukuthi kwenzekeni, kodwa kukhona abantu ababili balapha endaweni okusolwa ukuthi ngezabo izimoto. “Udaba lusemaphoyiseni. Ngizoyohlangana nenduna yendawo ukuze sizoya emndenini okusolwa ukuthi abatholwe emotweni beshisiwe ngabakhona,”esho. Okhulumela amaphoyisa, uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala, namabili okucekela phansi impahla. Ucele ongaba nolwazi axhumane namaphoyisa aseMtubatuba kwethi: 08600 10111

Previous articleKusuke umthwalokumculi kuhoxiswaicala lokudlwengula
Next articleIsililo ngothisha ephonseka emgwaqweni wezikhukhula