Kushiywa nezeluleko emanyuvesi ngeGcwalisa All-White

209

MTHOBISI SITHOLE

UWUQINISA emanyuvesi umkhankaso wokugcwalisa iKings Park Stadium, eThekwini umculi kamaskandi,  uKhuzani  “iNdlamlenze” Mpungose, ohlele indumezulu yomcimbi mhla ka-4 kuLwezi (November).  NgoLwesihlanu ntambama uzobe evakashele izitshudeni zaseMangosuthu University of Technology (MUT) eRugby Stadium lapho kuzobe kuboshelwe khona amaciko ezinhlobo ezahlukene zomculo. NgoLwesibili bewuhlelwe eWits University, eGoli, kanti ngesonto eledlule ubuse-University of Zululand (Unizulu), kwaDlangezwa, eMpangeni. UKhuzani uthi  lo mcimbi ozayo , uthinta uhlobo lwentsha kakhulu, yingakho eqinisa ukubambisana kwakhe nayo.

“Kulo nyaka kuzobe konakele kakhulu, abantu mabangazibambezeli ngokudembesela ukuthenga amathikithi, ngoba ayaphela. Njengoba sivakashela emanyuvesi, akukhona ukuthi sihambisa ubumnandi nje kuphela, kodwa nezeluleko entsheni sizibeka phambili, ” esho.

NgoLwesihlanu kuzobe kungenwa mahhala kanti phakathi kwamaciko azoshiyelana inkundla, nguJumbo, uZakwe, uJaiva Zimnike, uQhosha, uMdumazi, uLuve, DJ Mleesa, uNtencane (osesithombeni) noKhuzani. I-Gcwalisa All White yaba yimpumelelo nyakenye. mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleIsiZulu siyakhonya ezilimini zaseNingizimu Afrika – izibalo
Next articleEyokususwa ejele “iqulekise” uMagudumana