NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI
HHAYI ngiyalishaya kalikhali, ngimfunge uHarry Maguire inkunzi yama-own goal laphaya kwiManchester United! Kubi, inkomo ihlab’ indlu, iGcokama Elisha lizama ukucula i-classic iNkos’ impela! Nalu uhlu lwamanyuvesi enza kahle – olubizwa ngeTimes Higher Education World University Rankings 2024 – lungiphathisa nge-high-high bo! Kanti yini ngempela esiyifundayo thina kule Ningizimu Afrika uma amanyuvesi ethu engekho ngisho ku-top 150 emhlabeni? Kunokuba isimo sibe ngcono, amanyuvesi ethu wuhologo ebheke ezansi kulolu hlu lwansondo! Sengiyasola ukuthi thina nje into esisuke siyoyifunda emanyuvesi, wukuthi ishaywa kanjani itoyitoyi. Nakhu phela akupheli ngisho usuku amanyuvesi evulile, uzwe kuthiwa izitshudeni zishaye itoyitoyi zabhunqisa isakhiwo ngomlilo. Ngivele ngezwa kuvuka isibibithwane uma inyuvesi yangakithi, i-University of Zululand (Unizulu) ngingayiboni ngisho ku-top 10 wamanyuvesi aseNingizimu Afrika. Hhayi ngoba kukhona engibabukela phansi, kodwa ma-Unizulu amahle, nibadala kanje (1960) senihlulwa ngisho yi-University of Venda, ingane ka-1982! Kulolu hlu kubusa amanyuvesi ase-United Kingdom (UK) nawase-Unitated States of America (USA), yiwona akwi-top 10. Ngiyazi-ke kunontabakayikhonjwa abazothi amanyuvesi ase-UK nawase-USA, aphezulu ohlwini ngoba vele belwenziwa ngabelungu. Hhayi bakwethu, ake sizame ukukhuphula amasokisi, kungenjalo, ukufunda kwethu emanyuvesi kuzofana nokuthi sidlala umas’gcozi. Kambe thina yini nje esenza kahle kuyona ngaphandle kwe-rugby nomaskandi? Nawo lowo maskandi yile nto abelungu abangayibiza nge-regional music ngoba uvutha KwaMchunu-Natal kuphela, futhi nje mhla uKhuzani neGcokama Elisha baphelelwa wushatini, kubukeka umaskandi ndini lowo uyophenduka into yase-museum njengamathambo e-dinosaur. Bafundi, ake nime kancane ngamatoyitoyi, nani zikhulu zamanyuvesi, ake iphele inkohlakalo, kungenjalo sizohamba siyozifundela ukubaza nokwakha izinkamba. Phela ngeke simoshe imali siyofunda emanyuvesi afana ncimishi neBafana Bafana engasakhumbuli ukuthi kunjani ukuba kwi-top 20 yeFifa rankings, phela onkabi bagcina ngo-1996 bewunombolo 16. Ubone umuntu ahambe aze aqholoshe njengembongolo esindwa wumthwalo ethi uya enyuvesi, usho isikhungo esingaveli ngisho ku-top 3 000 uma kukhulunywa ngamanyuvesi enza kahle! Ngicabanga ukuthi noNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uBonginkosi Emmanuel “Blade” Nzimande, sekufanele alithathise umhlalaphansi leli gama lakhe likaBlade ngoba kuyacaca ukuthi le blade yakhe isibuthuntu ngokwedlulele.
UHLU lwenziwe ngabeTimes Higher Education World University Rankings