Kushone abathathu “kuhlaselwa” umndeni wekhansela

295

PHUMLANI GAMA

KAYIKAZIWA imbangela yokubhujiswa komndeni wekhansela likaMasipala wasoKhahlamba, eBergville, ohlaselwe izolo ngeSonto ekuseni. Kulesi sigameko sokuhlaselwa komndeni kaMnu Michael Buthelezi – oyikhansela leDA elimele iqembu – kushone ingoduso yakhe, uNkz Khombisile Khoza (45) nezingane zakhe ezimbili, uZibusiso Buthelezi (9) noLubanzi Buthelezi (2). UButhelezi uphuthunyiswe esibhedlela nendodana yakhe eneminyaka ewu-15 ubudala, isimo sabo sisibi kakhulu. 
Ngokusho kukaMnu Tiza Khoza oyikhansela lakwa-ward 15 – lapho uButhelezi engowakhona – ufonelwe nguButhelezi, emcela ukuba aphuthume ngoba kunabantu ababahlaselayo futhi sebeqalile ukubashisa nendlu.
“Ngifika khona, ngizidele amathambo ngephula isicabha, umlilo ubusuvutha ubuhanguhangu. Ngibambe yena uButhelezi nendodana yakhe ngabakhiphela ngaphandle. Kuthe uma ngizama ukubuyela ngaphakathi, kwasho ukuthi umlilo usumkhulu kakhulu,” esho. 
Utshele leli phephandaba ukuthi kayaziwa imbangela yokuhlaselwa kukazakwabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseBergville aphenya icala lokufa kwabantu abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-45 no-02.

Previous articleUNGAPHUTHELWA YILANGA KUSASA (30 October 2023)
Next articleBasazotoka abasolwa kwelokubulawa kowayelwa nokwebiwa kwezimoto zakuleli