Kushone isilomo sebhola lomhlaba uDiego Maradona

742

Intatheli yeLanga

UGUBUZELWE yifu elimnyama unobhutshuzwayo womhlaba kushona isihlabani salo mdlalo sase-Argentina, uDiego Maradona (60) (osesithombeni).

Ngokwemibiko yase-Argentina, lesi silomo besixinwe kanzima yisifo senhliziyo kanti sishonele emzini waso oseTigre. 

Empeleni uMaradona ubevele engasaphilile kahle emuva kokuba ehlinzwe ekhanda ngenxa yokopha ebuchosheni. 

Uhlinzwe ngasekuqaleni kwale nyanga eBuenos Aires.

NgoLwesihlanu odokotela bajova uMaradona ngomjovo wokulala emuva kokuba bekhale ngokuthi le nkakha isiguliswa nawukuthembela komzimba wayo otshwaleni ekubeni inhliziyo yayo nesibindi bese kuvele kunezinkinga.

UMaradona kwakuphakanyiswe ukuba atholelwe igumbi emtholampilo osiza abantu abahlushwa yinkinga yotshwala ngesikhathi ekhishwa esibhedlela emuva kokuhlinzwa kwakhe. 

Nokho ngokwemibiko yeClarin.com, uMaradona ushonele emzini wakhe lapho abelulamela khona.

UMaradona wazakhela olukhulu udumo ngokuthwala i-Argentina inqoba iNdebe yoMhlaba ngonyaka ka-1986.

UMaradona ubengomunye wezinkakha zikanobhutshuzwayo ebezithandwa umhlaba wonke. 

Lokhu kwacaca nangesikhathi ekuleli ngo-2010 engumqeqeshi weqembu lesizwe lase-Argentina. 

Yonke indawo lapho ayehamba khona abalandeli babesho ukuguqa ngamadolo bejabulela ukumbona bukhoma.

editor@ilanganews.co.za

Previous articleNangu u-Anele Ngcongca ebengimazi
Next articleKuvuleke iminyango enikwa uhlelo