KUSHONE IZINGANE ZANDAWONYE ZIWELISANA EMFULENI OYINGOZI

424

Ngenyanga edlule kushone abazali bazo engozini yemoto

IMEYA yaseMsinga, uMnu Mlethi Ndlovu (wesudu ebubende) ehambele umndeni wakwaShange ozilele izingane zawo.

MTHOBISI SITHOLE BAMUKE bewelisana umfula iSampofu abafundi baseDlenyane Combined School, eTugela Ferry, eMsinga, ngoMsombuluko ntambama.
Kubikwa ukuthi uLungisani Shange (18) ubezama ukuwelisa udadewabo, u-Amahle Shange (16), ngesikhathi kungenisa umfula. Kubikwa ukuthi uLungisani umuka nodadewabo nje, ubeqeda kuwelisa abanye abafundi kanti bazoba nebhadi esewelisa udadewabo. Laba bafundi batholakale ngezinsuku ezahlukene, omunye ngosuku lwesigameko ebusuku, omunye ngoLwesibili ntambama sebeshonile bobabili. Ilungu lomndeni uMnu Dalokuhle Shange okhulume neLANGA, uthi isigameko esenzekile sibashaqise kakhulu ngenxa yokuthi bekungakapheli ngisho inyanga kuthunwe abazali balaba bafundi.


Uthe umfula iSampofu uyingozi kakhulu. “Ngenyanga eyedlule kuginqike imoto, kwashona amalungu amathathu omndeni elande isidumbu eGreytown, njengoba sekulandela izingane zabo. “Ubuhlungu esibuzwile kasazi singabufanisa nani nakuba izingane zingafuni ukuzwa ngoba lo mfula uyingozi. “Ngokujwayelekile, izingane ziyaphelezelwa, ziyoweliswa ekuseni nantambama uma kubonakala ubungozi besimo sezulu, kodwake kulokhu akwenziwanga, kuyishwa,” kusho uMnu Shange. Omunye wothisha wakulesi sikole, uthi balahlekelwe kakhulu ngenxa yobuhlakani balaba bafundi ezifundweni zabo. Uthe bebezithobile kakhulu esikoleni futhi bekhaliphile. “U-Amahle ubesethimbeni labafundi abamele abafundi emakilasini abo. Ngibafundise bobabili, ngiyabazi ukuzithoba kwabo,” kusho uthisha.


Okhulumela uMnyango wezeMfundo, KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, udlulise amazwi enduduzo emndenini. “Ukulimala kwabantwana abancane kuyasikhathaza kakhulu ngoba sisuke sisabheke lukhulu kubona kuleli zwe. Sidlulisa ukuzwelana nomndeni, abangani, izihlobo nothisha babo. “Siyacela ukuthi othishanhloko bezikole basiqaphele isimo sezulu, bangabeki impilo yabantwana engcupheni. Uma kubonakala ukuthi isimo sibi, mazikhishwe izingane esikoleni noma zingayi nhlobo esikoleni,” kusho uMnu Mthethwa.
mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKuvuka iminjunju elanda ngokubona abangani ababili bemuka nomfula
Next article‘Bekungasasali naneyodwa pho ezinganeni zami?’