Kushone umbhishobhi

854

INTATHELI YELANGA

IYANYUKELA iCovid-19 ebandleni lamaRoma aKhatholika okuvele emasontweni ambalwa adlule ukuthi idlule nemiphefumulo ewu-13 yezindela zasemishini i-Assisi, ePort Shepstone yathatha noFata Paul Manci waseZimbokodweni njengoba isidlule nomBhishobhi Abel Gabuza. 

Izindaba zokudlula kukamBhishobhi Gabuza ziqinisekiswe izolo ngeSonto nguCardinal Wilfrid Napier, ongumbhishobhi waleli bandla eThekwini. UmBhishobhi Gabuza kuthiwa ushonele esibhedlela esiseHillcrest ngalo iSonto ekuseni emuva kokuhlala isikhathi esingangesonto egunjini labagula kakhulu kade ephethwe yiCovid-19. 

“UmBhishobhi Gabuza ubengakabi nathi isikhathi eside, besisenaye iminyaka emibili nje kuphela. Esikubonile ngaye wukuthi ubengumuntu olungile, onomusa nonemfudumalo. Ukudlula kwakhe emhlabeni kuyasikhubaza njengebandla,” kusho yena. 

Inxusa likaPhapha Francis e-Afrika eseNingizimu, uMbhishobhi Peter Wells, selazisiwe ngalo mshophi.

uMbhishobhi Gabuza wazalwa ngo-1956. Wagcotshwa ngo-1984. 

Previous articleKukhothame amakhosi elandelana
Next articleUmlingisi unephupho ngentsha yangakubo