Kushubile iBucs iqhathwa neChiefs

815

Isiqalo esibi kubaqeqeshi beSundowns iphuma ekuseni kwiMTN8

SENZO SOKHELA

ABADLALI beChiefs bejabulela elinye lamagoli kaYagan Sasman ohlohle amabili behlula 
iMaritzburg United ngo-2-1 koweMTN8 izolo eGoli. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uzosheshe ahlangane nezimbangi ezinkulu zeKaizer Chiefs uGavin Hunt ongumqeqeshi omusha wale kilabhu eqhathwe ne-Orlando Pirates kwi-semi final yeMTN8. Kwi-semi final yesibili kuqhathwe iSuperSport United neBloemfontein Celtic. Imidlalo yomlenze wokuqala izokuba ngempelasonto yokugcina yale nyanga. 

IChiefs ifinyelele kwi-semi final ngokuguqisa iMaritzburg United ngo-2-1 kwi-quarter final izolo ngeSonto ntambama eFNB Stadium, eSoweto.

IMaritzburg yiyona evule inkundla uThabiso Kutumela elibeka enethini ngomzuzu ka-34, kodwa igoli lakhe lacinywa ngamabili kaYagan Sasman awavalele enethini ngoka-73 noka-75. 

UHunt uye kulo mdlalo kubhekwe lukhulu kuyena njengoba elandwe ngenhloso yokuqeda isomiso sezinkomishi kule kilabhu. Nokho konke kuhambe kahle kulo mqeqeshi njengoba ebuyise inhlansi yethemba kubathandi bamaKhosi.

UHunt ephawula ngalo mdlalo, uthe: “Ngesiwombe sokuqala kasizange sidlale kahle, besingahlangene. Nokho ngesiwombe sesibili sibe ngcono kakhulu. 

“Ngikholwa wukuthi isipiliyoni sikaBernard Parker sisisebenzele kulo mdlalo. Ukhombisile ukuthi useqophelweni eliphezulu. Ngigezeke igilo ngabadlali bethu abasebancane ikakhulukazi uNjabulo Blom kwazise ungene wenza umehluko. Ngijabule ngalo mphumela sesizosebenzela kuwona.”

U-Eric Tinkler ololonga iMaritzburg, uthi baziyekele lo mdlalo bekumele bawunqobe ngesiwombe sokuqala.

IChiefs iye kulo mdlalo kubhekwe ukuthi izodlala ibhola elinjani njengoba isinomqeqeshi omusha, obegijima umdlalo wakhe wokuqala selokhu eqhoqhobale lesi sikhundla. 

Nokho kubonakele ukuthi usafika uHunt njengoba iChiefs iqale ngegiya eliphansi kunzima ukuthi ifike emapalini. Ngaphandle kwalokho, ibingahlangene kahle kubonakala ukuthi abadlali bayo kabakasibambi kahle isitayela sikaHunt.

Kulo mdlalo uHunt ubuyise uKearyn Baccus noRamahlwe Mphahlele abebengasavamisile ukuthola ijezi ngaphansi kobuholi buka-Ernst Middendorp. URamahlwe ubedlala endaweni ehlukile njengoba ubeyisitobha, engadlali ohlangothini lwesokudla emuva. Ubevale indawo ka-Eric Mathoho okuvele ukuthi ulimele.

* UVictor Letsoalo ushaye igoli leCeltic iwashisa ijezi iMamelodi Sundowns ngo-1-0 kwi-quarter final yeMTN8 izolo ngeSonto kusihlwa eLucas Moripe Stadium. Lesi kube yisiqalo esibi kubaqeqeshi abasha beDowns uManqoba Mngqithi, uRhulani Mokwena noSteve  Komphela oyi-senior coach

Previous articleUngene ebhokisini exhagiwe osolwa “nomama webhantshi”
Next articleZibulawe phambi kukanina nezingane izelamani