Kushukana amabhinca ngengoma edla ubhedu

758

EkaBig Zulu nekaKhuzani zibangisana ngokudayisa ubuthaphuthaphu kwi-Itunes

MTHOBISI SITHOLE

uSiyabonga “Big Zulu” Nene no uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose

KUSHUKANA amabhinca ashaya izinhlobo ezahlukene zomculo ngengoma edayisa kakhulu enkundleni edayisa umculo online, i-Itunes ngaphansi komkhakha obizwa nge-Africa Itunes Top song. 

Umrepha uSiyabonga “Big Zulu” Nene uhamba phambili ngengoma yakhe edla ubhedu kulezi zinsuku ethi “Mali Eningi” apike kuyona omunye umrepha, uRiky Rick no-Intaba yaseDubai. ezithendeni zakhe yintandokazi kamaskandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose ngengoma yakhe eshisa izikhotha ethi, “Ijele”. 

Ngaphandle kokwenza kahle kwengoma ethi “Ijele”, i-albhamu kaKhuzani ethi “Isipoki Esingafi” okukhona kuyona le ngoma, ihleli esiqongweni kuma-albhamu adayisa kakhulu emunxeni okuthiwa yi-Africa Itunes Top Album.

 Ingoma ethi “Ijele” inyakazise nabaculi bezinye izinhlobo zomculo, okubalwa kubona uNkosinathi “Black Coffee” Maphumulo, uMthokozi “Dj Tira” Khathi,  uHappiness “Dj Happy Girl” Ndlovu, ababonakale ezinkundleni beyincoma ngokuba sematheni kwayo. 

Okuthuse abaningi wukuqhwakela kwe-albhamu kaKhuzani eyaphuma mhla ka-27 kuLwezi (November) osekuvele kunama-CD alinganiselwa ku-10 000 ayesekhokheliwe, ethengwa ngabalandeli ngokwamagatsha abo. 

UKhuzani uthi abalandeli babexhumana nabaholi bamagatsha. Exoxa neLANGA uKhuzani, uthe namanje kusamthusile ukuthakaselwa kwengoma yakhe ngalolu hlobo. Uthe nokwesekwa ngalolu hlobo kumnika ugqozi lokusebenza kanzima nangonyaka ozayo. 

“Indlela le ngoma engene ngayo kubantu, isifana neculo lesizwe. Akuyona into encane ukuthi njengoba leli zwe libophele abaculi abanohloze ngalolu hlobo, kodwa besekuba wumasikandi oqhwakele iNingizimu Afrika yonkana,” kusho uKhuzani. 

Uveze ukuthi ukuthakaselwa kwayo sekwenze nokuthi amenywe nasezinhlelweni zikamabonakude okungangenwa kalula kuzona. 

“Le ngoma ithakaselwa kakhulu ngoba ikhulumela abantu kwezothando kanti-ke ukuphumela obala kwabaculi abahlonishwayo beyithakasela, kungijabulisile kanti nokubukwa kwayo ngabantu abalinganiselwa ku-1 million ezinsukwini eziwu-7 iphumile, akuyona into encane leyo,” kusho uKhuzani. 

Ephawula mayelana nokuthakaselwa kwengoma yakhe uBig Zulu, uthe kuyaqala emlandweni waseNingizimu Afrika ukuba kudlange ingoma ye-hip-hop ngalolu hlobo. Uthi ingoma yakhe iqale ukudlisa kwiTwitter.

“Emasontweni amabili iphumile le ngoma, isigile izimanga. Akukhona ukuthi isematheni kuleli zwe kuphela, kodwa nangaphandle iyavutha, njengaseBotswana nje. Ngiyambongela kakhulu uKhuzani ukuthi naye ingoma kamasikandi iphakame ngalolu hlobo,” kusho UBig Zulu.

 mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleSikhulu isililo ngoGee Six Five
Next articleULorch uphumele obala ngezinkinga