Kusinde ingane (5) kuqothwa umndeni

573

Abahlaseli bathe kuninakhulu uzolikhuluma iqiniso emuva kwalokho bamgenca, bamdubula

MTHOBISI SITHOLE
INGEBHE yokuqubuka kodungunyane eSizweni saMangwe, eMtshezi emuva kokudutshulwa kubulawe ngesihluku amalungu amane omndeni wakwaMsomi, KwaDulumbane, khona eMtshezi ngoMsombuluko ebusuku. Kulesi sigameko okubulawe kuso ubaba wekhaya, uMnu Themba Msomi (55), umama wekhaya uNkz Nelisiwe Mazibuko (55) nezingane ezimbili, uNkz Thulisile Mazibuko (18) obezokwenza uMatikuletsheni kulo nyaka no-Aphiwe Mazibuko (7), ku-thiwa kusinde ingane eneminyaka ewu-5 ubudala, okumanje isathuka izanya.


Ikhansela lendawo, uMnu Vusumuzi Mkhize, litshele leli phephandaba ukuthi ngokusho komakhelwane, izi bhamu ziqhume kusihlwa, kodwa ngenxa yesimo esibi kule ndawo, omakhelwane basabile ukuphuma kwazise sekujwayelekile ukuqhuma kwazo kule ndawo. Liveze ukuthi bekungakabikhona okusolwayo njengembangela yokuhlaselwa kwalo mndeni. “Badutshuliwe, bagencwa, bashiswa. Ingane esindile, isindiswe wukuthi izimboze ngengubo okwenze (abahlaseli) banganaka, bazitshela, ukuthi babulale bonke abantu. “Kubuhlungu kakhulu okwenzeke kulo mndeni,” kusho uMnu Mkhize.


Umakhelwane ongathandanga ukudalulwa ngenxa yobucayi bodaba, uthe uzwile kuqhuma isibhamu kodwa wanganaka ngoba ukuqhuma kwazo sekuyinhlalayenza eMtshezi. Uthe kukhona omunye womakhelwane obamemezile esebonile ukuthi kukhona okushaya amanzi kulo muzi. “Isihluku engisibone laphaya, sinyantisa igazi. Ingane encane esindile ithi ababulali bekungobaba abathathu, kungene ababili endlini oyedwa wama emnyango. “Kuthe uma bengena ngokusho kwengane bathe uninakhulu uzolikhulumake namhlanje iqiniso. “Ubuzile uninakhulu ukuthi yiqiniso lani lelo, basebephendula ngobhushu bamklabha base bemdubula,” kusho umakhelwane.


Uthi ukuba indlu bekungeyotshani, ngabe kutholakale umlotha wezidumbu. Kuthiwa kushiswe uMnu Msomi nentombazane eyodwa. UMnu Sphakeme Mazibuko ozalwa nguNkz Mazibuko obulewe, uthi ngeSonto ntambama ubuyele emsebenzini eGoli, kanti ngoMsombuluko kuzongenelwa umndeni wakhe. Utshele leli phephandaba ukuthi kazikho izitha abanazo emndenini. “Kusobala ukuthi bekulindwe ukuba ngihambe ekhaya besekubulawa abazali bami nezingane zakwethu. Endlini bekungathi bekuhlinzwa izinkomo ngendlela engifike kuyiyona. Ingane esindile iyosala nesithombe esibi sokubuka abazali bebulawa phambi kwayo, nayo isinde ngoba beyigubezele, bangayibona.


“Bahlulwe yini abenzi bokubi ukufika ekhaya kuxoxwe, kushwelezwe, kuhlawulwe uma kuwukuthi umama kukhona okubi akwenzile kubona? “Kunzima, kusho ukuthi umuzi wakwethu uvaliwe, kuphelile ngawo,” kusho uMnu Mazibuko. IMeya yaseNkosi Langalibalele, uMnu Mduduzi Myeza, ithe bazovakashela umndeni namhlanje ngoLwesine. Itshele ILANGA ukuthi lesi sigameko senza kube nokwesaba emphakathini ngokusuka kodungunyane. “Isihluku esinjena siqhatha izwe, sizoke sisondele emndenini sibonisane nawo ngakho konke,” kusho uMnu Myeza. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi siphenywa esiteshini samaphoyisa aseMtshezi. Uthe imbangela yokubulawa kwalo mndeni kayikaziwa.

Previous articleUzimisele ngokubagabisela ngokwakuleli eNigeria
Next articleIsethembiso seChiefs ilotsholwa wuSuthu