Kusize iSikebhe “ababulali” behlanza iqiniso

290

MTHOBISI SITHOLE

“KUSIZE” ukuqinisa isandla kwenhlangano elwa nokwebiwa kwemfuyo nobunye ubugebengu, iSikebhe, ekutheni kuphume iqiniso mayelana nowesilisa waseMbongolwane, eShowe, owabulawa waphoswa emfuleni uThukela. 

Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, uMnu Mxolisi Zikhali (33) (osesithombeni), wanyamalala mhla ka-27 kuMasingana (January) nonyaka emuva kokuthathwa ngumngani wakhe wakwamakhelwane, owathi bathole umsebenzi wokusika ihlathi eNkandla.

Kuthiwa kube sekungenelela iSikebhe, satitinya abesilisa abathathu, abagcine belihlanzile iqiniso ngokunyamalala kukaZikhali. 

Ilungu lomndeni esiligodlile igama lalo ukulivikela, lithi uZikhali ufele ukukhuluma imfihlo yomunye wabasolwa yokuthi wabulala isalukazi sakwaLushozi – khona endaweni – okuthiwa sabulawa ngepiki, saphucwa u-R3 000, kwashiswa nendlu yaso. Lithi lokhu kukhuluma kwakhe kumdalele amazinyo abushelelezi ngoba udaba luhambe lwaze lwafika kumsolwa.

“Ngolunye usuku uMxolisi uhambe eyovakashela umngani wakhe esakhelene naye, wathola ukuthi uyagula kakhulu. Kuthe uma ebuza ukuthi uguliswa yini, wathi lo mngani wakhe selokhu wabulala isalukazi sasendaweni akakutholi ukuphumula,” kusho ilungu.

Lithi umufi ukhuziwe emndenini, kwathiwa angaluxoxi lolu daba, maluphelele phakathi kwamalungu omndeni ngoba lubucayi.

“Ngaphambi kokuba anyamalale, waya eSikebheni wayobika ukuthi akasaphephile emuva kokuba exoxe nabathile ngemfihlo yomngani wakhe. Wathi usezwile ukuthi uyasongelwa,” lisho.

Kuthiwa amalungu eSikebhe athelekele  umsolwa, amnenebula ngenduku, wakhipha ayenabo ngesikhathi bebulala uZikhali. Kubikwa ukuthi bazivumele ukuthi bamthatha kubo bathi makapakishe izimpahla ngoba kunomsebenzi otholakele eNkandla, okuthe uma befika eduze koThukela, bamdubula, bamphonsa emfuleni. 

“Basivezile isibhamu abamdubule ngaso, sanikwa amaphoyisa,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uNqobile Gwala, uthi kuboshwe abasolwa abathathu okunguMandla Magwaza (35), uMuziwenhlanhla Mdlalose (35) noMuzi-khona Gcabashe (44). 

Uthi bavelile eNkantolo yeMantshi yaseShowe mhla ka-24 kwephezulu, icala labo lahlehliselwa umhla ka-2 kuMbasa (April) lapho kulindeleke ukuba bafake izicelo zebheyili. Uveze ukuthi basolwa ngokubulala, wukutholakala nesibhamu nezinhlamvu.

mthobisis@ilanganews.co.za   

Previous articleIveze iphupho layo inyosi yeSilo esencane
Next articleAkuthi diki koweGagasi ngabamchapha ngezinhlamba ezinkundleni zokuxhumana