Kusolwa abadube eye-ANC

1389

UFANISWE nomdlavuza odla i-African National Congress (ANC) kancane kancane umndeni wakwaGupta njengoba kuqhubeka ingqungquthela yemigomo yaleli qembu eNasrec, eGoli.

Umhlaziyi wezepolitiki, uMnu Zamikhaya Maseti, ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma neLANGA mayelana nokuqhubekayo kule ngqungquthela eqale ngoLwesihlanu ezophothulwa ngoLwesithathu.

Uthi i-ANC kumele yakhiwe kabusha njengoba ubuholi obukhona bungenzi kahle, okuholela ekubeni iqhubeke nokulahlekelwa ngamavoti. “I-ANC ibhekene nesikhathi esinzima futhi uma kuqhubeka ngale ndlela, kuzoyibhedela ngowezi-2019 okhethweni luka- zwelonke. Kangiyiboni yenza kahle kulolu khetho,” kusho uMnu Maseti.

Usole nesenzo somakadebona bale nhlangano sokuduba le ngqungquthela wathi benze elikhulu iphutha njengoba bekuyisikhathi sokuba babonisane namagatsha e-ANC ngenqubekelaphambili. “Bekungamele nakancane baliyeke leli thuba njengoba sebeke bezwakala bephawula ngokungenami kwabo ngokwenzeka eqenjini.

“Abakwenzile bakhombise ukungalikhathaleli iqembu kodwa bazicabangela bona. Lesi bekuyisikhathi sokuxhumana ngqo namagatsha futhi baphawule ezinhlakeni zeqembu ezifanele hhayi ukuphawula kwabezindaba kuphela,” kusho uMnu Maseti.

Uphawule nangombiko kaNobhala-jikelele we-ANC, kaMnu Gwede Mantashe, okuqale kwaba nenkulumo-mpikiswano ngaphambi kokuba awethule ngoMgqibe- lo. Ngokwemibiko, izifundazwe ezithathwa njengezeseka uMnu Jacob Zuma, eziholwa ngondunankulu abateketiswa nge”Premier League” bezingafuni uMnu Mantashe awethule lo mbiko njengoba bezikhala ngokuthi kawuhambisani nale ngqungquthela.

Lo mbiko uchaza ngesimo seANC esikhathini samanje futhi ukubeka kucace ukuthi ubuholi obukhona behlulekile wukuhola ngendlela efanele.

Uveza nokuthi abantu abaningi bebekhathazekile ngezinto okubalwa kuzona neyomuzi kaMnu Zuma waseNkandla.

Nokho umengameli we-ANC Youth League (ANCYL), uMnu Collin Maine, uyaphikisana nalo mbiko kaMnu Mantashe.

UMnu Maseti uthi nakuba engeke ande ngawo kodwa besingekho isidingo senkulumompikiswano ngokwethulwa kwawo.

“Ziningi izinto ezibalulekile i-ANC okumele izidingide kunokulokhu kubangwa umbiko.

“Indaba yomnotho, wukubuyiswa komhlaba nokunye, yizona zinto okumele kuchithwe isikhathi kukhulunywa ngakho,” kusho yena.

Imizamo yokuthola okhulumela i-ANC, uMnu Zizi Kodwa, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

Previous articleiSicelo se-Chiefs ngomgadli we-Downs
Next articleHalala kuMothibi ingqwele yeCommrades!!!