Imindeni isola amaphoyisa ngokuma nawo, abukele abantu bemuka
MTHOBISI SITHOLE noTHANDEKA NGOBESE
KUSOLWA amambawu kumshayeli wetekisi okuthiwa uzame ukuwela ibhuloho umfula udla izindwani ngo-Mgqibelo ngenxa yemvula ebina ngayizolo imoto yakhukhulwa ngamanzi KwaNobamba, eWeenen kwamuka abantu abane kwabawu-7 abebalayishile, yena wasinda nabanye abathathu.
ILANGA lilobe izolo sekutholakale izidumbu ezimbili, kusabhekwa ezinye ezimbili. Kumuke amalungu omndeni owodwa wakwaZiqubu kulo mfula obizwa ngokuthi yiKwesentombi.
Kushone uMnu Sipho Ziqubu (35) nengoduso yakhe uNkz Zamo Ngobese nomzala wabo uNkz Nomonde Mkhize (18) kanti uMnu Sthovu Ziqu (31) nengoduso uNkz Gqamile Nhlaba, lize lashona elayizolo besathungathwa emfuleni.
Umshayeli, kuthiwa uthathwe ngamaphoyisa khona izolo emuva kokuba edonswe ngentambo emfuleni ngesikhathi itekisi ingakaphenduki.
UNkz Nompumelelo Chonco oyilungu lomndeni, uthi abafi bebesuka edolobheni eWeenen ngetekisi lokugcina ebelihamba amalungu omndeni wakhe, basebecelwa ngabanye abebesalile ezimotweni, kanti-ke bazovelelwa yile ngozi.
“Ngesikhathi imoto ingakaginqiki, bebengithumelela ama-video laba abashonile bethi mabathandaziswe ngoba lapha abakhona bayafa.,” kusho uNkz Chonco.
UNokuthula Mkhize olahlekelwe yilungu lomndeni wakhe okunguNomonde Mkhize (20) uthi bakhala ngamaphoyisa aseWeenen ahluleke ukwenza imizamo yokuphephisa impilo yabantu.
Uthi indodakazi yabo (uNomonde) ibikade ivakashile ivela esikoleni e-Unisa lapho ibiyolungisa khona izinto zayo zobuthishela yenza unyaka wokuqala.
“Kuthe uma efika erenke wagibela leli tekisi ebigcwele amalungu omndeni wakwaZiqubu namanye amalungu omphakathi kanti usebizwa wukufa. Ingane kadadewethu ithathwe umfula siyibuka ngoba besisuka eColenso sibona abantu bebhala ezinhlakeni zokuxhumana, bethi konakele emfuleni.
“Umfula ubathathe bobane wayobakhacela esiqhingini edwaleni. Bame phezu kwalo idwala lungekho usizo olungenziwa waze wagcwalela kubona wabathatha.
“Sifonele ngisho inombolo kahulumeni i-10111, sicela ukuthi kuthunyelwe indiza enophephela izobalekelela ibathathe kuleli dwala ngoba bebesaphila kodwa asizange siluthole usizo.
“umphathi wamaphoyisa ase-Weenen uthe akanawo amandla okubiza indiza enophephela. Wonke la malungu athathwe wumfula kubuka wonke umuntu namaphoyisa abekhona,” kusho uNkz Mkhize.
Uthi abafanyana ebebekhona ngesikhathi itekisi ingena emfuleni, bathi bamkhuzile umshayeli wathi bengamfundisi yena ukushayela unesipiliyoni.
Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa umshayeli uhluleke wukuqondanisa amasondo nebhuloho, okwenze yakhalakatheka ngaphansi emfuleni itekisi.
Ilungu lomphakathi, uMnu Sandile “Khusu” Zungu, lithe ukumuka kwabantu kulo mfula kujwayelekile, kuhlale kufika izikhulu uma kwenzeke izinhlekelele kodwa kalukho ushintsho.
Uthi ngisho umasipala wendawo ufana nongekho ngoba kukaningi ubikelwa ngalesi simo kodwa izikhulu zawo zithi ukwakhiwa kwaleli bhuluho kuzodla imali enkulu.
“Umphakathi wakithi usuhlupheke iminyaka eminingi ulahlekelwa yizihlobo zawo ngenxa yalo mfula. Uhulumeni akasinakile, usondela kuthina uma sekusondele ukhetho afike athembise kungezeki lutho,” kusho uMnu Zungu.
Induna yendawo uMnu Mzomusha Mkhize ukhale ngobudedengu bomshayeli wetekisi. Uthi ngokuthola kwakhe, kuthiwa bakhona abacele ukwehla etekisini ngesikhathi umshayeli efuna ukuwela ngenkani.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, isiqinisekisile isigameko. Uthi umzimba woyedwa wesifazane utholakele kodwa amaphoyisa asabheka abathathu.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uthe bakhiphe ithimba labo ukuba liyohlola isimo sebhuluho ukuthi yini engenziwa ngalo.
mthobisis@ilanganews.co.za