Kusolwa amanga kolweCeltic

180

Isikhulu ebesithembisa sesiqala ukushona ezintangeni

ULEBOHANG Mokoena weMokoena Group obethembisa ukuvusa iBloemfontein Celtic.

SENZO SOKHELA

KUVELA okushaqisayo ngokuvuswa kweBloemfontein Celtic okubukeka uphela umlando wayo emuva kokuba igunya layo lokudlala kwiDStv Premiership lithengwe ngokuqala kwale sizini ngu-Shauwn Mkhize kuMax Tshabalala obengumnikazi wayo.

UShauwn ube esedayisa ilungelo leRoyal AM lokudlala kwiGlad-Africa Championship njengoba isiyiTTM emuva kokuba ithengwe nguMasala Mulaudzi. 

ICeltic ifudukele eMgungundlovu njengoba seyaziwa ngeRoyal AM. Imidlalo yayo yasekhaya iyigijima eChatsworth Stadium, eThe-kwini.

IRoyal AM isidlale imidlalo emibili kwiDStv Premiership, yahlulwa kuyona yomibili.

ULebohang Mokoena weMokoena Group, umemezele ukuthi iCeltic izovuka, ezeseka ngokuthi kunekilabhu axoxa nayo afuna ukuyithenga. Uze wabiza umhlangano nabalandeli beCeltic lapho efike wenza khona isethembiso, ethi iCeltic izobe idlala kwiDStv Premiership kule sizini.

Kuvele igama leMaritzburg United okugcine kusuke umsindo njengoba isikhulu sayo uFarook “Ntshebe” Kadodia sithe ngama-mpunge ukuthi ikilabhu yaso iyadayiswa. 

Engxoxweni uMokoena abe nayo neLANGA ngeledlule, walile ukuveza ukuthi uxoxa nayiphi ikilabhu njengoba ubezishaya isifuba ukuthi iCeltic iyavuka.

Uthe ucela ukunikwa izinsuku eziyisihlanu uzobe eseveza konke. Nokho sezifike zadlula izinsuku eziyisihlanu kodwa dololo, kakukenzeki lutho. 

Umthombo waleli phephandaba ulipotshozele okushaqisayo ngalolu daba.

“Okokuqala nje kayikho ikilabhu ebifuna ukudayisela uMokoena isitifiketi sayo sokudlala kwi-DStv Premiership ukuze avuse iCeltic, ubemane ezikhulumela nje into engelona iqiniso. Izinsuku eziyisihlanu ayezishilo sezidlulile, kungani engamemezeli ukuthi uthenge yiphi ikilabhu?

“Ngisho izikhulu zePSL zidiniwe ngoba ukhohlise abalandeli beCeltic, abezwa ubuhlungu ngo-kwenzekile. 

“Ngisho nakwiPSL kasikho isicelo esesifakiwe sokuthi kukhona abadayiselanayo. 

“I-PSL isebumnyameni ngalolu daba, kayifuni ngisho ukuphawula ngalo ngoba lufana nento efile njengoba kungekho lutho olupha-mbi kwayo,” kusho umthombo.

Leli phephandaba lishayela uMokoena ukuzwa ukuthi kugcine kanjani ngalolu daba, uvele wa-phendula ngokunengeka wathi: “Hheyi ngimatasa, ngingena emhlanganweni.”

Isikhulu sePSL esicelwe ukuba siphawule ngalolu daba, sale saphetha sathi kabayikhulumi into abangenalwazi lwayo.

Previous article02 September 2021
Next articleZibhikishele isibhaxu nokuchashwa ngenhlamba izisebenzi zasePulazini