SKHOSIPHI MTHEMBU
ASOLWA “ngokuphathisa” umufi isibhamu amaphoyisa okuthiwa adubule abulala indodakazi yakwaMsweli eNtshawini, KwaDukuza ngoMgqibelo, umndeni uphakathi nenkonzo yokukhumula inzilo yendodana yawo, nayo eyadutshulwa ngamaphoyisa ngoNhlaba (May). ILANGA lithole ukuthi uNosihle Msweli (16) (osesithombeni), udutshulwe esegcekeni lakubo.
Lo mndeni othi ufuna athathelwe izinyathelo la maphoyisa, uwasola “ngokutshala isibhamu” kule ngane njengoba uthi eseyidubulile, abengafuni kusondele muntu eduze kwesidumbu sayo. Aphoqe umndeni ukuba ungene endlini.
Ilungu lomndeni elikhulume neLANGA lithe: “Sithe sesiphakathi nenkonzo, kuculwa, sabona ngequlu lamaphoyisa egcekeni, lihlome ngezibhamu. “Liqhamuke selidubula lingakhulumi lutho, sabaleka sayongena endlini. Ngilunguze ngewindi, ngabona izingane zamantombazane zilaliswe phansi ngamaphoyisa. Siphumile sabuza ukuthi afunani, kodwa angasiphendula. Sivuse izingane ebezilaliswe phansi kodwa uNosihle wangavuka, esedubulekile. Ngenhlanhla kunamalungu omndeni abonile amaphoyisa eshutheka isibhamu ngaphansi kwengane.”
Lithi kugcine kufika namanye amaphoyisa, kwagcwala igceke.
Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate, uMnu Phaladi Shuping, ucele ukuthunyelelwa imibuzo ngalolu daba, wathembisa ukubuyela kuleli phephandaba uma esexhumene nethimba labaphenyi. Kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyelanga kuleli phephandaba.
skhom@ilanganews.co.za