KUSOLWA EYOMNDENI KUBULAWA OWESILISA EHAMBA NOMKAKHE

1114

NOMFUNDO NGWANE

UMNU Bongani Sibiya odutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa esemotweni yakhe, ehamba nomkakhe ngoLwesibili ekuseni. 
ISITHOMBE: NGESIHE SOMNDENI

KUSOLWA ingxabano yomndeni ngokudutshulwa kubulawe owesilisa ehamba nenkosikazi yakhe eWeenen, ngaseMtshezi, ngoLwesibili ekuseni.

UMnu Bongani Sibiya (49), obesebenzela umasipala waseMtshezi obizwa ngeNkosi Langalibalele, udutshulwe wabulawa ngentululwane yezinhlamvu ngabantu abangaziwa ehamba nenkosikazi yakhe, uNkk Celiwe Sibiya (uMaKhumalo), besanda kuphuma emzini wabo belibangise edolobheni.

ILANGA lithole ngemithombo yalo esondelene nalaba ukuthi uMnu Sibiya ubulawa nje, bekunengxabano eshunqa uthuli emndenini wakhe, esiholele ekutheni kungangenelwana. 

Umthombo uthi le ngxabano isidale ukuthi isimo sibe muncu kulo mndeni.

Ngokuthola kwaleli phephandaba ngendodana kamufi, uMnu Qhubekani Sibiya, uyise udutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa esanda kuphuma egcekeni.

“Bekuyizithuba zabo-7 ekuseni ngesikhathi sizwa ukuqhuma kwesibhamu siphindelela. Siphumele ngaphandle salunguza sathola ukuthi yimoto kababa le edutshulwayo. 

“Kuthe uma sisondela eduze kwayo sekukhona namalungu omphakathi, sathola ukuthi sekudubuleke ubaba nomama. Ubaba ushonele endaweni yesigameko kanti umama usindile, waphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uQhubekani.

Uthi kazikho izitha abazaziyo abeke ababikele ngazo uyise noma abantu axabene nabo emsebenzini. Uthi basadidekile ukuthi ngubani lo obulale uyise ngesihluku esingaka. 

Utshele leli phephandaba ukuthi ababulali kabathathanga lutho, baqede ukudubula bashaya bachitha. Uthi imoto abehamba ngayo uyise iphaphalazile yangena emgodini ngesikhathi ababulali bedu-bula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa avule icala lokubulala nelokuzama ukubulala ngesigameko sokuhlaselwa kudutshulwe kubulawe owesilisa kwalimala owesifazane eWeenen. 

Uthi bekungakaboshwa muntu.

nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleuzibulale nonina “obejolelwa wumkakhe”
Next articleselubekiwe usuku olusha lwe-vdj