KUSOLWA IJIKI KODALE INGOZI KWAFA IZINGANE ZESIKOLE

467
IMOTO ebihamba uMnu Malibongwe Mngoma okusolwa ukuthi ishayise itekisi ebelithwele abafundi, kwashona abane, abanye balimala kanzima

NONHLAKANIPHO SHINGA
KUSOLWA ijiki kumshayeli wemoto ethwala izingane zesikole edale ingozi yadlula nemiphefumulo emine yabafundi baseHattingspruit, eDannhauser, ngoLwesine, emuva kokungena itekisi nalo elibelithwele abafundi lagingqika, emuva kwalokho washaya utshani. Lesi sigameko senzeke emgwaqweni u-R621, kanti zombili lezi zimoto bezilibangise edolobheni laseDundee lapho lezi zingane zifunda khona. Okucasula kakhulu amalungu omphakathi ngalesi sigameko, wukuthi lo mshayeli obehamba ngemoto eyiveni, ushayise itekisi ebilayishe izingane ezibalelwa ku-13 yaphenduka kathathu, ihamba ichitha izingane, yena waqhubeka nohambo lwakhe.


ILANGA lihambele endaweni yesigameko lapho abanye babazali abalinyalelwe yizingane befike khona ngalo uLwesine ekuseni. Bathi kabakholwa ukuthi bayoke basikhohlwe isithombe abasibonile, izingane zilimele kanzima. Omunye wabazali abalinyalelwe yizingane umntwana wakhe osekhishiwe esibhedlela uthe akasoze asikhohlwa isithombe somunye wabazali obenengane yomfana eneminyaka ewu-6 eshonele endaweni yesigameko. Uthe unina ubeyigonile yize ikhanda layo beselinqamukile, selilenga ngesikhumba, ekhihla isililo. “Ngimdala kangaka nje, bengingazitsheli ukuthi kunento engingakaze ngiyibone. Kangikholwa futhi ukuthi lesiya sithombe engisibone ngaleliya langa ngiyoke ngisikhohlwe,” kusho yena.


Ngokuthola kwaleli phephandaba, abanye abafundi abathathu bashonele ezibhedlela ezahlukene, yize amaphoyisa ebengakasiqinisekisi leso sibalo. Lithole nokuthi ngaphandle nje kokuthi iveni ibidla amagalani, kusolakala ukuthi umshayeli wayo ubedle amanzi amponjwana. ILANGA likhulume nephoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, elithe umsolwa uze wanikelwa ngunina kwabomthetho njengoba ebezihlalele nje ndawana thizeni, engazi nanyaka. “Kusolakala ukuthi ubegijima kanti ngoLwesine ekuseni belina, kunenkungu kodwa engatheni. Kuthiwa ushayelisane kabi nenye imoto, washayisa leli tekisi ngemuva, laphuma emgwaqweni leqa ucingo laphenduka amahlandla ambalwa lihambe lisakaza izingane esigangeni.


“Ngesikhathi sifika endaweni yesigameko, bekunzima kakhulu, izingane zilimele. Eyodwa yazo, okunguLanga Mavuso (6), ibisishonile,” kusho leli phoyisa. Lithi umshayeli weveni uqhubekile wayoshiya izingane esikoleni, washaya imoto wayoyishiya kwenye indawo ngaphansi kwesihlahla emzini kamakhenikha, wangasho lutho, wazihambela. “Ngesikhathi efika, ubebonakala ukuthi kukhona okungalungile ngaye ngoba ngisho etshelwa ukuthi ulimaze izingane, akazange akhombise kukhathazeka, uthe yena ubezitshela ukuthi ushayise isigxobo. Uma ebuzwa ukuthi akamanga ngani pho abheke umonakalo emotweni yakhe uma eshayise isigxobo, uthe ubezo-wubheka uma eseme lapho ebeya khona,” kusho umthombo.


Kuvela ukuthi izingane eziningi zisagcinwe ezibhedlela njengoba kuthiwa kukhona eziphukile kanti enye ilimale umgogodla, kayisakwazi nokuhamba. Abanye abazali bezingane balile ukukhuluma naleli phephandaba njengoba ngoLwesihlanu bebesalibangise emakhazeni ukuyohlonza izidumbu. IMeya yaseDannhauser, uMnu Sibisuso Kunene, ithe ukudlula emhlabeni kwezingane ezincane kangaka, kuvusa iminjunju kwabaningi ngoba emasontweni amathathu edlule kuwona lo mgwaqo, kufe intsha eyisithupha kushayisana izimoto. “Imigwaqo yethu kayinazo izimoto eziningi, okuyinto esenza sikhathazeke ukuthi lezi zingozi ezingaka ezidlula nentsha sizozinqanda kanjani. Sizimisele ngokuxoxa nabathutha izingane, sigcizelele ukuba bashayele ngokucophelela uma besemigwaqweni, balandele imithetho yemigwaqo.


“Siyakhalisana nemindeni yakwa- ward 2, eDurnacol, lapho izingane bezisuka khona. Nathi sisazoyihambela sibone ukuthi singalekelela kanjani njengomasipala,” kusho uMnu Kunene. Okwamanje umsolwa, uMnu Malibongwe Mngoma (27), ubesabekwe icala lokubulala ngokungenhlosonamacala awu-13 okushayela budedengu. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseDannhauser, icala lahlehliselwa isonto elizayo. Okhulumela KwaZulu-Natal, uLt. Colonel Nqobile Gwala, usiqinisikisile lesi sigameko. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUjatshuliswa wukunyuka kwegiya leChiefs
Next articleUZANELE ‘UZOLAWULWA YINKONTILEKA’ OHLELWENI LWEZENKOLO OKHOZINI