Kuthiwa umbulali ubekhave isihlobo sakhe ngesizumbulu
yomshwalensi ebesimkhave ngayo.
NOMFUNDO NGWANE
LISAGCWELE amathafa ilungu lomndeni elisolwa ngokuklinya, libulale isihlobo salo ngoMgqibelo ebusuku, kwa-B, eMlazi, ngoba lifuna inkokhelo yemali yomshwalensi ebisivuthiwe, okuthiwa belisikhave ngayo. UNkz Bahlekile Mngoma (66), kusolwa ukuthi uklinywe wabulawa yisihlobo sakhe phambi komyeni wakhe, ngoMgqibelo ebusuku. Lesi sihlobo kuthiwa sifike kubo sizogila le mihlola singazifihlile ngisho nasebusweni. ILANGA lithole imininingwane yodaba ngokwenzekile ngosuku lwesigameko kuMnu Bhekuyise Nzimande (67), ongumyeni kamufi, obekhona ngesikhathi kubulawa inkosikazi yakhe.
Uthi namanje usazibuza ukuthi yena usinde kanjani, njengoba ababulali bebeqonde ukubasoconga bobabili nenkosikazi yakhe, kodwa wakwazi ukusebenzisa amandla, waphunyuka ngoba ungumuntu wesilisa. “Bekuyizithuba zabo-19h00 kusihlwa sengilele ngenxa yemvula ebinamakhaza. Kufike isihlobo sikankosikazi esihlala khona lapha endaweni, sihamba namadoda amathathu. Besingumuntu ovakashile.
“Ngivuswe yinkosikazi ithi ma-ngizobingelela izihlobo zayo ezisivakashele. Kuthe nje ngingena endlini yokuphumula, ngisalungiselela ukuhlala phansi, ngingakabingeleli, amadoda amabili abehamba nalesi sihlobo angibamba, angiklinya.
“Lesi sihlobo nomunye ebesihamba naye, bagxumele inkosikazi bayidudulela ephaseji, bayiklinya. Bekungongaphansi nongaphezulu, ngizama ukubalwisa, ngifuna nokuyosiza inkosikazi, ngibona ukuthi bayayibulala. “Ngizamile ukulwa ngaze ngakwazi ukuphunyuka. Inkosikazi igcine iphelele khona lapho, okuthe uma sebebona ukuthi isishonile, bahamba bayishiya khona lapho,” kusho uMnu Nzimande. Utshele ILANGA ukuthi bathole ukuthi lesi sihlobo besikhave inkosikazi yakhe ngesizumbulu semali yomshwalensi wokufa kwenye yezi nkampani, acele ukuligodla igama layo.
Uthi kwenzeka lokhu nje, ngoZibandlela (December) kwabulawa umfowabo wenkosikazi yakhe, uMnu Bhekani ‘Smodemu’ Mngoma, owatholwa esigangeni ebulewe, naye abasola ukuthi waklinywa. Uthi usbari wakhe (uSmodemu) bamthola ngakusasa eseshonile esigangeni, wayekade egcine ukubonakala ehamba naso isihlobo sabo lesi ebesibahlasele, sabulala umkakhe. Uthi eseshonile usbari wakhe, safika lesi sihlobo sacela wonke amaphepha okushona kwakhe asetshenziswa uma kuyofakwa isicelo semali yomshwalensi, basinika. Uthi sayithola yonke imali esasimkhave ngayo.
UMnu Nzimande, ubekhuluma naleli phephandaba kuzwakala ukuthi usethukile, njengoba eveze ukuthi ulimale kanzima futhi utubekile umzimba wonke njengoba esinde bezama ukumbulala. Udaba lokubulawa kukaNkz Mngoma seluphenduke indaba egu-dwini esigcemeni sakwa-B, omakhelwane bebabaza isihluku nonya lombulali, ukuthi usengaze abulale izihlobo zakhe ngesihluku esingaka ngoba efuna imali. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe amaphoyisa avule icala lokubulala ngesigameko esenzeke eMlazi sokuhlaselwa kuklinywe owesifazane osekhulile.Uthi amaphoyisa asezithendeni zabasolwa.
nomfundo@ilanganews.co.za