MTHOBISI SITHOLE
KUSOLWA impi yezigodi ngokuhlaselwa komndeni wakwaSibiya eNgqulu, eNquthu, kwadutshulwa kwabulawa umakoti wakhona, uNkk Zethembeni Sithole (41)
nezingane zakhe uLwandile Sithole (18) noNomcebo Sithole (16), kwasinda ngokulambisa ubaba wekhaya, uMnu Lolo Sibiya nezinye izingane zakhe ezimbili ezincane.
Ngokuthola kweLANGA, lo mndeni uhlaselwa nje, impi ehlasele eNquthu naseMsinga.
Kuthiwa emasontweni edlule kubulawe owesilisa wakwaNgubane eMabomvini, eMsinga, okusolwa abesibongo sakwaXimba eNquthu, esizweni sakwaSithole, eQhudeni, ngokufa kwakhe.
Kuthiwa ukungaboni ngasolinye kwezizwe, kuqale kubangwa imigodi yezimayini eseyavalwa, eGoli, okuthiwa kulandwa kuyona ngokungemthetho inhlabathi enegolide, kuzanywa imali.
Kubikwa ukuthi le mpi isingene nasehostela laseThembisa njengoba kuvela imibiko ethi abantu baseNquthu sebebalekile kulona.
Omunye okhulume naleli phephandaba uthi ekubulaweni kowesilisa wakwaNgubane eMsinga – obengubhongoza kulo msebenzi wasemgodini – kusolwe abaseNquthu.
Uveze ukuthi emasontweni amabili adlule kwabulawa abanye besilisa baseMsinga ehostela laseThembisa noyedwa waKwaNongoma owayehleli nabo ngesikhathi kuhlaselwa.
Ilungu lomdeni wakwaSibiya, uMnu Bonokwakhe Sibiya, lithi ababulali bafike kulo muzi bazama ukudubula ubaba
wekhaya obengaphandle kwendlu, ekhuluma nocingo.
Uthi uSibiya ukwazile ukubaleka, wangena kwenye indlu wacisha ugesi, okuthe uma esebacashele, bangena endlini obekuhleli kuyona umkakhe nezingane, babadubula.
USibiya, osinde ebulawa, akatholakanga ukuba aphawule ngalolu daba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseNquthu aphenya ngesigameko
sokubulawa kwabantu abathathu.
Uthe isizathu sokubulawa kwabo besingakaziwa.
mthobisis@ilanganews.co.za