Kusolwa isenzo zobuthakathi ngokugqejulwa kwamathuna eMlazi

167

THANDI ZONDI 

KUSOLWA ubukhunkuli ngezigameko zokuqejulwa kwamatshe amathuna ezidla lubi emalibeni aseZwelethu, eMlazi. ILANGA lizifikele mathupha kula mangcwaba, lazibonela amatshe amathuna eshaywe abekwa eceleni, kuvele inhlabathi. Ayisithupha amathuna okuhleshulwe kuwona amatshe, okukhona nelengane encane kuwona. 

UNkk Mato Mbili wakwaD, eMlazi, okugqejulwe ithuna lomyeni wakhe, usola abathwala ngezigubhu – okuthiwa zibalethela inhlanhla – ngalo mkhuba. Uthi kucwiywe inhlabathi ethuneni lomyeni wakhe. “Ngeke ngithi ngamaphara enze lo monakalo ngoba itshe, i-granite, kalithathiwe. Okuqaphelekayo wukuthi kuwona wonke la mathuna, kunenhlabathi ethathiwe. Kwelakwami bekukhona ngisho into engamafutha,” echaza. 

Uthi abakuqaphelile wukuthi kugqejulwe awabantu besilisa kakhulu. 

Uqhube ngokuthi amathuna ayahlanzwa, kuheshwe nesikhotha, kodwa kawagadiwe, kangangokuba nabantu sebazakhela indlela yokunqamula phakathi kwawo.

ILANGA lifike uNkk Mbili eselikhonke kabusha ithuna lomyeni wakhe, wathi uselinde kome usimende bese ebuyisela itshe. Leli phephandaba lithinte okhulumela uMasipala weTheku, uNkk Gugu Sisilana ocele ukuba kuthunyelwe i-e-mail. Kuze kwashaya isikhathi sokuloba engaphendulanga. 

tzondi@ilanganews.co.za

Previous article27 May 2024
Next articleUdutshulwe wabulawa emngcwabeni womngani