Kuthiwa leli lungu lisanda kuthi lizophunyelwa wu-R3 million
PHUMLANI GAMA
USOLA amaphoyisa asoPhongolo ngokuhudula izinyawo ophenyweni lokunyamalala kwendodana yawo maqede isidumbu sayo satholakala sinezimpawu zokucwiywa umndeni wakwaMenyuka, eMsuzwaneni, oPhongolo. Isidumbu sikaMcebisi Menyuka (6) sitholwe ngabafanyana abalingana naye silahlwe eduze komfula, sicwiyiwe. Ngeledlule leli phephandaba libikelwe ngokunyamalala kwakhe okugcine kuholela ekutheni kube namalungu omndeni asolwa ngokuba nesandla kulesi sigameko. Ngokusho kukaNkz Samkelisiwe Menyuka (36) ongunina kamufi, ngoLwesibili olwedlule isihlobo sikamufi sifikile sizomcela ukuba asiboleke ingane ngoba sithi sisafuna ukuba ivakashe izinsukwana.
“BekuwuLwesibili efika ezocela ngimboleke ingane. Ngenqabile ngoba ngazi ukuthi kunomfowethu obezobuya ngoLwesihlanu oyaye athande ukuthi azithole ziphelele izingane zalapha ekhaya. Ungincengile ngagcina sengimnika ngoba nayo ingane ibimkhonzile. Uthe uzoyibuyisa ngoLwesihlanu ngezithuba zasemini. “Kuthe ngoLwesine ngathola umbiko wokuthi ufike wakhuluma nezingane ezibuza ukuthi akafikanga yini uMcebisi. Zilandulile izingane. Ubuyele emuva. Ngalolo suku wafonela umama embikela ukuthi ingane akayiboni ugcine ukuyibona emini.
“Isidumbu sitholakale sicwiywe isitho sangasese, amehlo omabili akhishiwe nezindlebe zombili. Sitholakale eduze komfula nezimpahla zakhe. Ngibuzwile ubuhlungu ngoba namanje ngiyabona ukuthi ingane yami igiliwe. “Okungixakayo wukuthi omunye engisondelene naye ubesanda kungitshela ukuthi usezoba nemali eningi njengoba ezokhipha u-R3 million awushiyelwa nguyise. Lokhu kungenza ngibe nomqo ndo wokuthi ingane yami yiyona lena abekhuluma ngayo,” kusho uNkz Menyuka. UNkz Menyuka uthi ukhathazwa yisenzo samaphoyisa sokuhudula izinyawo kulolu daba. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa asoPhongolo aphenya icala lokutholakala kwesidumbu sengane. “Amaphoyisa asevule icala ngalesi sigamekolokutholakala kwesidumbu so-mfanyana oneminyaka ewu-6 obekubikwe ngokunyamalala kwakhe. Isidumbu sakhe sitholakale eduze komfula,” kusho uConst Ngcobo. phumlani@ilanganews.co.za