Kusolwa isikhwele sixakile esosheni elibulale umkalo limsola ngokujola

433

JOHN HLONGWA

KUSOLWA isikhwele esixakile kumyeni oyisosha, okuthiwa udubule wabulala umkakhe ngoyaba lwezinhlamvu ngoLwesithathu olwedlule. Kuvela ukuthi phakathi kwezinto ebezixabanisa umufi, uNkk Tania Zungu (36) nomyeni wakhe – esiligodlile igama lakhe ngenx ayezizathu zomthetho – wukuthi umsolwa ubesola owakwakhe ngokuthi uyamjolela.

UNkz Gwen Msane (59) waseMlazi, ongunina kamufi, utshele ILANGA ukuthi umndeni wakwaZungu ubuvele unezinkinga ezixakile, kodwa benethemba lokuthi zixazululekile. 

UNkk Zungu ungcwatshwe ngeSonto, uphumele kubo eMlazi.

“Ngosuku lwesigameko, bengibavakashele ePinetown lapho bebeqashe khona. Ekuseni ngivuswe wumsindo wendodakazi yami uqhuma phezulu, ithi ‘uyangishaya’. Ngiphume ngejubane (egunjini ebengikulona) nezingane zabo, siphuthuma kwelabo. Sithe singakafiki kwakhona lapho, kwaqhuma isibhamu amahlandla amainingi elandelana. Sibuyele emuva ngejubane nezingane sesinovalo lokuphepha kwethu. Imindeni yomibili ibiyazi ukuthi lezi zingane zinezinkinga eziningi. Sizamile ukuzisiza ngokuzitholela usizo lokwelulekwa. Empeleni besesizitshela ukuthi sekudlulile kanti lutho, siqambe sishilo.”

Echaza ngomsebenzi womkhwenyana wakwakhe, uthe: “Njengoba eyisosha, ubeke ahambe ayosebenzela kude isikhathi eside kakhulu, uma esebuya, afike asole indodakazi ngokujola.”

Uthi ngemuva kwesehlakalo, uke wafona wathi ezinganeni zakhe kukhona azihlelele khona, zizohlala kahle. Nokho uthi babuye bezwa sekuthiwa umsolwa usezinikelile emaphoyiseni asenkabeni yeTheku. 

Ebuzwa ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umngcwabo wenzelwe kwaMsane, ungabi kwaZungu, uthe: “Bekungeke kube lula ukuthi umuntu angabulala (indodakazi yakhe) bese efune ukuyingcwaba.”

ILANGA lithole ukuthi abakwaZungu bayile  ukuyothuna umalokazana wabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthe likhona icala elivuliwe lokubulala umuntu. Ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uzinikele emaphoyiseni.  

hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous articleUBig Zulu uveza okushaqisayo ngeParis
Next articleOwoMkhokha unengwe “ngababulale unina” kuTik Tok