Kusolwa isoka ngokufa kwesinqandamathe

419

PHUMLANI GAMA

UTHUMELE inkulumo eqoshiwe (voice note) kumakhalekhukhwini wabasondelene naye owesifazane wase-Adams, eThekwini, okusolwa isoka lakhe ngokufa kwakhe. 

Kuthiwa ubesehlukunyezwe isikhathi eside yisoka lakhe uNkz Nondumiso Kgasibe (29) (osesithombeni), kodwa engafuni lithathelwe izinyathelo zomthetho ngoba limesabisa ngokumbulala. 

Kuvela ukuthi belimshaya, kwesinye isikhathi agcine eselaliswa esibhedlela. 

Esigamekweni okuthiwa senzeka ngoZibandlela (December) nyakenye, kuthiwa lamshaya laze lamgwaza. 

Umufi udlule emhlabeni ngoLwesithathu emuva kokuba ngoLwesibili ethumele umyalezo ezihlotsheni, ezazisa ukuthi isoka lakhe lifuna ukumshaya limbulale. 

Kubikwa ukuthi umsolwa utshele umndeni kamufi ukuthi kukhona angakuboni kahle ngendodakazi yawo, wacela unina kamufi ukuba angayi emsebenzini ngoba kukhona afuna ukukukhuluma naye. 

Kunezinsolo zokuthi umsolwa ushaye umufi, okuthe uma ebona ukuthi uselimele kanzima wabe esemphuthumisa esibhedlela, washonela khona.  

ILANGA likhulume noNkz Nomonde Majola ongomunye wabangani bakamufi, oveze ukuthi besingesihle isimo phakathi kwalezi zithandani ngenxa yokuthi isoka belihlala limshaya umufi. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala kanti bekungakaboshwa muntu.

Previous articleISilo sincome inhlonipho kwi-IFP ebiyosotha
Next articleUngqongqoshe uqinisekisa eyesimo esibi somnotho