Kusolwa izidakamizwa “kogaxwe” ithayi washiswa emuva kokubulala unina ngemfologo

222

PHUMLANI GAMA 

KUSOLWA izidakamizwa kowesilisa ogaxwe ithayi washiswa wumphakathi emuva kokuba egwaze wabulala unina ngemfologo yasengadini eNtambanana, eMpangeni, ngeSonto. 

 UMnu Sipho Gabela (29) – obonakala nonina esithombeni – kuthiwa ukubulala unina, uNkk Sakhephi Gabela (63), wabaleka. Lesi sigameko sidine umphakathi ophume inqina, wamthungatha. Kuthe uma umthola, wamshaya, wamgaxa ithayi lemoto wamshisa, wafa. 

Ilungu lomndeni elikhulume neLANGA, elicele ukungadalulwa, lithe umfowabo ubesebenzisa izidakamizwa futhi kusolwa zona njengembangela yesigameko. 

“Kudala edla izidakamizwa. Bekuthi uma umama emkhuza ngezidakamizwa, abhoke ngolaka athi akafuni ukukhuzwa ngumuntu ngoba uzokhipha isidumbu. Ngokuthola kwethu, uqale ngokumshaya ngayo imfologo, okuthe uma ephelelwa ngamandla, wabe  esemgwaza.  Ubemshaya nangesando,” kusho ilungu. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko. 

Uthe amaphoyisa aseMpangeni aphenya amacala amabili okubulala. “Maqondana nalesi sigameko, akukaboshwa muntu,” kuphetha uNetshiunda.

phumlani@ilanganews.co.za

Previous article30 May 2024
Next articleUMavundla ubuyiselwe yinkantolo kwesobumeya