Kusolwa lumbago wezidakamizwa kubulawa izithandani nomakhelwane

818

SKHOSIPHI MTHEMBU

YIndlu okudutshulwe kwabulawa kuyona izithandani nomakhelwane, kanti kusolwa umbango wezidakamizwa.
ISITHOMBE NGU:SANDILE MAKHOBA

KUSOLWA umbango wokudayiswa kwezidakamizwa esigamekweni sokuhlaselwa kubulawe izithandani nomakhelwane wazo behleli endlini ngoLwesibili ebusuku eKenville, eThekwini emzini owumqasho. 

Kubikwa ukuthi kufike umuntu ongaziwa wavulela ngenhlamvu, kwashona uMnu Jabulani Khumalo, uMnu Ntuthuko Khumalo (32) noNkz Kim Kinsey (28) (ongumnikazi womqasho) abebehleli kule ndlu. 

Izolo ngoLwesithathu ILANGA liziyele mathupha endaweni yesigameko. Lifike abantu abahlala kule miqasho bemi izixongololo, bebonakala besakhungathekile. 

Phambi komnyango bekubonakala ukuthi lukhulu lwenzekile njengoba bekusakhona nebhande eliye lifakwe ngamaphoyisa uma kunesigameko esenzekile. 

Ngaphakathi endlini bekumapeketwane, kusaphazeke izimpahla phansi. Ubungafunga ukuthi bekungongaphansi nongaphezulu. Uma usondela kosofa lapho abafi kuthiwa bebehleli khona, bekusagcwele igazi. 

Umthombo weLANGA  ohlala kule ndawo ocele ukuba ungadalulwa ukugwema ukuzidonsela amanzi ngomsele uthi akekho obengazi ukuthi kule ndlu bekudayiswa izidakamizwa. 

“Uma ngingaphosisi bekungo-7 ntambama ngesikhathi kufika owesilisa oqonde emnyango ka-Kim wangqongqoza wazenza umuntu obeyothenga. Kuthe kuvulwa, waphusha isicabha wavulela ngenhlamvu. 

“Phakathi bekukhona umakhelwane wakhe uJabulani nesoka lakhe uKim. Umbulali uqede lapho waphuma wabaleka ngezinyawo,” kusho umthombo. 

Utshele ILANGA ukuthi uNkz Kinsey ubulawa nje, ngoLwezi (November) wangonyaka odlule kudutshulwe kwabulawa umfowabo eduze nayo le ndlu okwenzeke kuyona isigameko sangoLwesibili. 

Umastende wale miqasho ocele ukungadalulwa, uthi uNkz Kinsey ubefike kule ndlu eyozilela unina oshone ezinyangeni ezimbili ezedlule esibhedlela egula. 

“Ubengasahlali lapha kodwa ngunina obesahlala la. UKim ngamxosha ngazo izinsolo zokudayisa izidakamizwa kule ndawo,” kusho yena. 

UNkz Thobile Khumalo ongudadewabo kaMnu Khumalo, uthi besekunesikhathi eside bamgcina kubo umfowabo ngoba ubesehlala nomufi anengane enezinyanga eziwu-8 naye. 

“Sagcina ukukhuluma naye mhla ka-25 kuZibandlela (December). Sambuza ukuthi uzobuya nini, wathembisa ukuthi uzovakasha maduzane njengoba sigcine sithola umbiko wokuthi ubulewe,” kusho yena. 

Ebuzwa ngendaba yezinsolo zokudayiswa kwezidakamizwa, uthe bewumndeni akukho abebemazela khona uMnu Khumalo ngoba eNanda lapho behlala khona, ubengakwenzi lokho. 

“Nathi kasazi ukuthi kwenzekeni, sizamile ukubuza kubantu abahlala lapha kodwa sangayithola incazelo,” kuphetha yena. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala uthe kuvulwe amacala amathathu okubulala kanti imbangela yokubulawa kwalaba kayikaziwa kodwa amaphoyisa asaphenya. 

Previous articleIhostela limonite icebo lokuqala ibhizinisi lezinhloko
Next articleBabhekene nenselelo enzima abangcwabi